Indoda eyashiya unkosikazi wayo weminyaka eyi-12 ifuna ukuthatha indlu lo wesifazane azakhele yona

Elmon Tshikhudo

Sengathi ukushiya unkosikazi wakhe aye komunye wesifazane ngemuva kweminyaka eyi-12 beshadile bekunganele, le ndoda yaqhamuka ngemuva konyaka izothatha izimpahla zayo ithi nendlu ngeyayo.

Ekhathele, uFulufhelo Matumba uzitholele indlela yakhe angenza ngayo. Usebenzise i-excavator ukudiliza ngokuphelele indlu yabo enamakamelo ayisithupha.

Ngemuva kokumshiya ngowezi-2018, uMatumba wathi ekugcineni wafunda ukwamukela isinqumo somyeni wakhe. Waze wafunda nokuthi angahlala kanjani kamnandi ekhaya labo lomshado esigodini sase-Mandala e-Thohoyandou, e-Limpopo, ayezakhele yona.

Kodwa ngesikhathi lo wesifazane oneminyaka engama-46 ebuya emsebenzini ngelinye ilanga ezothola umyeni wakhe, uKhathutshelo Mathohoho, kanye namanye amadoda angaba yishumi behambisa izimpahla zakhe endlini yabazali bakhe, ubengakholwa.

UMatumba udlulisele lolu daba enkantolo. Ngemuva kwempi ebishubile ephele kuleli sonto, inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi lezi zithandani zihlale ndawonye endlini.

“Ngakha le ndlu ngiyisusa phansi futhi ngathenga nesiza kubabezala wami. Inkantolo yangitshela ukuthi ngihlale naye endlini engayakha ngedwa,” kusho uMatumba etshela i-Scrolla.Africa.

Kodwa ubengeke akwenze lokho.

Kubona umphakathi wonke, lo wesifazane obethukuthele egane unwabu usebenzise umshini wokumba ukudiliza indlu yakhe enamakamelo ayisithupha ngoLwesibili ekuseni.

“Ngithathe isinqumo sokwenza lokhu engikwenzile futhi angizisoli ngalokho. Ngemuva kwakho konke, ngumsebenzi wami nokujuluka kwami,” esho.

“Leyo ndoda ize yaqhosha ngokuthi ithole owesifazane omenelisa ngokocansi. Ngeke kwenzeke emzini wami.”

UMathohoho akatholakalanga ukuba aphawule.

“Siphatheke kabi futhi sishaqekile siwumndeni, ngicela nisinike isikhala, mhlawumbe sizokwazi ukukhuluma kusasa,” kusho umfowabo ngaphambi kokuvala ucingo.

Izihloko zakamuva