Arthur Greene
Ekuqaleni kwalonyaka, unkosikazi wakhe wamushiya ngoba enganayo imali yokubanakekela. Kodwa ngemuva kwezinyanga wawina i-Lotto yezigidi eziyisishiyalombili kwi-PowerBall plus. Manje usezothola ithuba lokubuyisa unkosikazi wakhe.
Indoda yase-Pretoria ithenge ithikithi layo eliwinile endaweni ebizwa nge-Brazi Café e-Pretoria North ngemali engama-22.50 amarandi.
“Ngizizwa engathi ngiyaphupha, angikholwa ukuthi lokhu kwenzeke kimi. Anginawo amazwi okukhombisa injabulo yami, lo nyaka kube unyaka onzima empilweni yami” kusho lendoda engafunanga kudalulwe igama layo.
UNkosikazi wakhe wamushiya kulonyaka ngoba wayengakwazi ukumnakekela yena nezingane zakhe etshela i-IOL.
“Ngifuna unkosikazi wami abuye kimi ukuze ngizophila impilo yami naye nezingane zami sifeze amaphupho ethu”.
Uthe uzothengela abazali bakhe umuzi, akhokhele izikweletu azithengele nemoto kanokusho. Enye uzoyibekela izingane zakhe ziyisebenzise uma seziyaya eNyuvesi.
Ophethe Ithuba National Lottery utshele i-IOL ukuthi indoda ilande imali eyiwinile mhla ziyi-10 kuNcwaba.
Izinombolo aziwinile zilandelana kanje 3,12,17,37,38 bese kuthi i-PowerBall u-17.