Owesilisa wase-Kenya obengakwazi ukuthola izingane udubule unkosikazi wakhe wabe esebhekisa isibhamu ngakuye naye wazibulala ngemuva kokuba unkosikazi wakhe akhulelwe.
UJohnathan Mukindi oneminyaka engama-42, othengisa umshwalense, akazange amutshele unkosikazi wakhe uPhilomena Njeri oneminyaka engama-30 ukuthi useyinyumba.
Wayenezingane ezimbili zakobunye ubudlelwano, kanti uNjeri naye ubewulangazelela kakhulu umndeni.
Ngemuva kokuthi unkosikazi wakhe akhulelwe, uMukindi wathukuthela wagana unwabu waxosha uNjeri, unkosikazi wakhe weminyaka eyisithupha ekhaya.
Ngokubika kwephephandaba i-The Star, ngenkathi uNjeri ekhulelwa uMukindi wayazi ukuthi usenesithandwa sakhe esiyimfihlo, futhi wayengeke akwazi ukuhlala nalokhu kukhashelwa.
Ngemuva kwezinyanga ezimbili wafuna ukuba babuyelane futhi wamumemela esidlweni sasebusuku. Ngakusasa ekuseni batholakala sebeshonile endlini e-Kiambu.
Ngokombiko wamaphoyisa, uMukundi, obephethe isibhamu esisemthethweni, udubule umkakhe amahlandla amathathu ekhanda ngoLwesibili ngesibhamu sohlobo lwe-Glock ngaphambi kokuzidubula.
UMukundi wenze imali ngokuthenga izimoto ebezisuliwe ngokudayisa izicucu zazo, kusho umngani. Ibhizinisi lezicucu zezimoto beliqhutshwa uNjeri.
Omunye umngani utshele iphephandaba ukuthi inkinga iqale ngesikhathi uMukundi ethola ukuthi uNjeri ubenobudlelwano nomunye wabasebenzi bakhe esitolo zokugcina izicucu zezimoto.
“UMukundi wayevulele unkosikazi wakhe isitolo kanti unkosikazi wakhe wabe esevulela isithandwa sakhe esinye isitolo ngasese endaweni efanayo,” esho.
Omunye umakhelwane uthe uMukundi wathukuthela wagana unwabu ngesikhathi ethola ukuthi unkosikazi wakhe ukhulelwe. Wayengakaze amtshele ukuthi ngeke esakwazi ukuthola ezinye izingane.