Indoda engenakhaya yakhe isikebhe esiyindlu  

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngaphesheya kwenkundla yezemidlalo iNelson Mandela Bay e-Gqeberha umuntu angabona isikebhe esincane esintanta phakathi e-North End Lake.

Lelo ikhaya elisha likaTashwill Nkili.

UNkili (21) owakhulela edolobheni labalimi e-Somerset wathuthela e-Gqeberha ngoZibandlela nyakenye eyofuna umsebenzi. Kodwa wamangala ngesikhathi efika ebona ukuthi amathuba omsebenzi awekho edolobheni elikhulu njengasedolobheni langakubo.

“Ngazalelwa e-Worcester, e-Western Cape ngathuthela e-Somerset East nomama eyofuna umsebenzi. Wadlula emhlabeni ngathathwa ngomunye umndeni kodwa izinto zinzima [lapho],” kusho uNkili.

Akakwazanga ukubuyela e-Somerset East ngenxa yobunzima basekhaya wakhetha ukuhlala emigwaqeni yase-Gqeberha.

Wajoyina umphakathi omncane wabantu abangenamakhaya osebeni lwe-North End Lake. Kungalesi sikhathi lapho okwavela khona umqondo wesikebhe esiyindlu.

UNkili uthe isizathu salokhu ukuthi kuphephe kakhulu kunokuhlala ngasogwini.

“Ukuhlala eduze kwechibi kuyingozi. Abantu bavame ukugetshengwa, bahlaselwe, kanti noma kufika izikhulu zizobhidliza imijondolo kumele uphinde wakhe.

“Ngakho-ke, ngacabanga ukuthi ngeke bekwazi ukudiliza indlu yami uma bengakwazi ukufinyelela kuyo futhi ngacabanga ukuthi ukuntanta echibini kuwumqondo omuhle,” esho.

Isikhebhe esiyindlu sikaNkili simbozwe ngokhuni nensimbi, kanti izinhlangothi zakhiwe ngamapulangu nezinye izinto.

Uphahla lumbozwe ngamasaka opulasitiki kuphinde kube khona nemibhede emidala. Isicabha esincane sisuka ngaphakathi siye ngaphandle.

UNkili utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unephupho lokuba umshayisibhakela okhokhelwayo ukuze akwazi ukushintsha isimo ekhaya.

Esithombeni esingenhla: UTashwill Nkili

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva