Indoda engaphansi kwencindezi yezidakamizwa idala isiphithiphithi

Amaphoyisa ase-China abophe owesilisa ngemuva kokuthi echithe “imvula yemali engamaphepha yasebhange” kubantu abasemgwaqweni ongezansi kwendlu yakhe esitezi sama-30.

Lo mlisa kuthiwa ubedakwe isidakamiswa esibizwa nge-methamphetamine.

Amaphoyisa athi lo mlisa oneminyaka engama-29 ubudala “ubanjwe yisiyezi” ngemuva kokudla izidakamizwa emzini wakhe ose-Chongqing, eNingizimu neNtshonalanga ye-China, ngesikhathi eqala ukuphonsa imali ngefasitela ezitaladini ezingezansi.

I-The Guardian ibike “imvula eningi yemali engamaphepha evela esibhakabhakeni”, futhi ividiyo yesigameko sangomhla ziyi-17 kuMfumfu ibukwe izikhathi ezingaphezu kwesigamu sesigidi.

Izithombe zibonisa  izimoto zimile kungahambeki njengoba inqwaba yabantu ishiye izimoto zabo noma becindezela nabahamba ngezinyawo bengena kulomgwaqo omatasa ukubamba imali engamaphepha.

Kubizwe amaphoyisa futhi lona wesilisa waboshwa. Amaphoyisa athe uboshelwe ukusebenzisa izidakamizwa kanti usaphenywa futhi uyelashwa.

Isithombe: @retirefund