Indoda eboshelwe icala lokudlwengula nokubulala itshele imantshi ukuthi yenze ekubonayo ngecala layo

Moyahabo Mabeba

ULevy Nengoma uvele enkantolo yemantshi yase-Praktiseer ngoMsombuluko ebhekene necala lokudlwengula nelokubulala ingane, kodwa ungamphikela ukuthi ukwenzile ngokumubuka nje kuphela. 

Umsolwa ubebukeka engenandaba futhi ecikwa ukuqulwa kwecala. Ngesikhathi imantshi imbuza ukuthi uyalivuma icala noma cha, uphendule wathi ababone ukuthi benza njani.”

UNengoma ubhekene necala lokudlwengula nokubulala uBoithakgatso Komane owayeneminyaka eyisithupha mhla zintathu kuZibandlela e-Dark City village e-Praktiseer e-Ga-Sekhukhune.

Ukuziphatha kwakhe enkantolo akwehlanga kahle emndenini wengane eyashona isencane othe ukuzikhukhumeza kwakhe kuyabacasula.

UKhutso Komane uyise kaBoithakgatso uthe ummangalelwa akagcinanga nje ngokudelela imantshi, kodwa ukhombise ukudelela umndeni nasemphakathini.

“Lo wesilisa ungene enkantolo sengathi ungena endaweni yokucima ukoma. Wayehlale enikeza umshushisi izimpendulo ezingacacile wawungaze ufunge ukuthi yithi esimonile.”

Ngokusho kukababa oshonelwe, uma uNengoma ekhombisa ukuba nendaba usuke ebuka kabi abantu abaseduze kwakhe, okuhlanganisa nabathandiweyo besisulu.

“Ukubheka kwakhe emehlweni abantu abebesenkantolo bekubethusa kangangoba abanye babheke phansi ngokwesaba. Ngabona umkami ecweba izinyembezi, enengekile ngokuziphatha kwalo mlisa ngesikhathi silila ngokushona kwendodakazi yethu,” ebalisa.

Kwaba sengathi ujabulela ubuhlungu bethu.

UNengoma uchazwe njengomuntu ongaphilile kahle ekhanda obehlukumeza amalungu omphakathi ngaphandle kokujeziswa.

Ngempelasonto amalungu omphakathi aye kwaNengoma aphihliza amafasitela asabisa ngokushaya unina.

UBoithakgatso wabulawa ngesikhathi kuqhubeka isikhumbuzo sezinsuku eziyi-16 zokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi, uMnumzane uNkakareng Rakgoale, uthe kuyadumaza ukubona ziqhubeka izigameko zodlame nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF) esifundazweni, ikakhulukazi ngalesi sikhathi.

UNengoma ugcinwe esitokisini kanti uzophinde avele enkantolo mhla zizinye kuNhlolanja ngonyaka wezi-2022.

Izihloko zakamuva