Indlunkulu yobukhosi bakwaZulu ilandelwa izingxabano

Lungani Zungu

Ubumbano obelugadwe ngeso lokhozi kwindlu yobukhosi yakwaZulu luyabhidlika njengoba amalungu omndeni wasebukhosini ebanga isikhundla somuntu ofanele ukuhola umndeni.

Ukukhothama kweNkosi Ongangezwe Lakhe, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngoNdasa kanye nonkosikazi wakhe wesithathu ibamba leNkosi iNdlovukazi uMantfombi Shiyiwe Dlamini Zulu ngoLwesine, kuxabanise amalungu omndeni wasebukhosini.

Okuyinzuzo yisabelomali sezigidi ezingu-R71,3 minyaka yonke esivela kuhulumeni wesifundazwe waKwaZulu-Natali kanye nama-hectar angaphezu kwezigidi ezintathu zomhlaba Ingonyama Trust, olinganiselwa ngaphezu kwesigidigidi samarandi.

ISilo Samabandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu bekunguyena yedwa ophethe umhlaba, futhi noma ngubani ozothatha izintambo uzophatha ngokusemthethweni.

Ukuhlelwa okungekuhle kokuthi ubani ozophatha yikhona okusolwa ukuthi kudala ingxabano  eNdlunkulu ngokuthi ngubani okufanele athathe isihlalo sobukhosi.

Umndeni uyalelwe yinkantolo ukuthi ngubani ongunkosikazi ofanele weSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ongasekho.

Ngesikhathi kushona iSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, iNdlovukazi uMantfombi yathatha isikhundla sokuba yibamba ukuhola isizwe samaZulu izinyanga ezintathu kuze kugcotshwe iNkosi.

Ngemuva kokukhothama kwakhe, iNdlovukazi uSibongile Dlamini (ongahlobene neNdlovukazi uMantfombi) ufake amaphepha asenkantolo aphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, efuna ukuthola ifa lika-50% wefa leNkosi uZwelithini.

Kuphinde kwabikwa ukuthi iNkosazana uNtandoyenkosi noPrincess Ntombizosuthu bathi incwadi yefa yeSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini ekummeli wasebukhosini ingaba yinkohliso futhi ifuna ukuvimba ukusebenza kwayo kuze kuqinisekiswe lo mbhalo.

Isazi samasiko esaziwayo uZoza Shongwe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodana endala kankosikazi wokuqala owazalelwa ebukhosini, ihlala isemgqeni wokuba yiNkosi elandelayo.

Kulokhu, indodana yeNdlovukazi uMantfombi uPrince MisuZulu kufanele athathe izintambo zombuso eNdlunkulu, ngokusho kukaShongwe.

Kodwa-ke, ugcizelele wathi iNdlunkulu ikhululekile ukubhekana nokulandelana ngendlela ekubona kufanelekile.

UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz Sihle Zikalala, uthe usefake isicelo kuMengameli uCyril Ramaphosa sokuthi amemezele umngcwabo wombuso weNdlovukazi uMantfombi.

UMntwana uMbonisi Zulu uthe iNdlunkulu izokwazisa isizwe samaZulu ngemininingwane yomngcwabo uma sekuphothuliwe.

Izihloko zakamuva