Celani Sikhakhane
UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natali Nkk Nomus Dube-Ncube akazange akhulume ngesabelomali seSilo samaZulu uMisuzulu esimemezelweni sakhe sesabelomali sesifundazwe sika-2022/23.
UNkk Nomsa Dube-Ncube umemezele isabelomali sonyaka esingu-R140 billion kodwa wabalula nje isabelomali esingu-R767 million sehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali kodwa wasishiya ngaphandle isabelomali sezinduna.
Ngonyaka odlule, umemezele imali elinganiselwa ku-R65 million yeNdlunkulu kaZulu, kwathi engu-R200 million kwakhokhelwa ngayo imiholo yezinduna.
Enkulumeni yakhe uDube-Ncube uxoxe ngezinye izinhlelo.
“Sibonakale sikhona isidingo sokuqinisa ubudlelwano nezikhungo zemfundo ephakeme kanye namabhizinisi agxile ocwaningweni,” kusho uNkk Dube-Ncube.
I-Scrolla.Africa sithole ukuthi uMnyango weNdlunkulu owadalelwa ubukhosi bakwaZulu uhlakazwe ngonyaka odlule ngemuva kokuthi amalungu omndeni asebukhosini eqale ukuxabana ebanga isihlalo sobukhosi.
Lokhu kushiye uMnyango woMgcinimafa eKZN ungakwazi ukwaba isabelomali sokuholelwa kweNkosi uMisuzulu noma izinduna.
Umholi we-DA esifundazweni uFrancois Rodgers uthe lolu daba ludinga ukusukunyelwa ngokushesha ngoba, ngaphandle kwamaholo ezinduna, kunemali eningi esasele ekweletwayo.
“Benginethemba lokuthi uNgqongqoshe wezeziMali uzocacisa ngamaholo ezinduna njengoba kunemiholo ebiza imali engu-R600 million okumele ilungiswe,” kusho uRodgers.
UMnyango wezeMfundo, ezeMpilo kanye nowokuThuthukiswa koMphakathi inyuselwe emalini eyabiwe yesabelomali.
UNkk Dube-Ncube uthe uMnyango wezeMfundo uhlukumezeke kakhulu ngesikhathi sezinxushunxushu noHulumeni waphoqeleka ukuthi anyuse isabelomali ukuze kulungiswe izikole ezacekelwa phansi ngoNtulikazi.
Imali yoMnyango Wezempilo inyusiwe ukuze kuqashwe abahlengikazi abasha nodokotela abasebasha abasanda kuthola iziqu e-Cuba.