ElmonTshikhudo
Eminyakeni emibili edlule, u-Azwimpheleli Mamilasigidi nezingane zakhe ezimbili balahlekelwa yikho konke ngesikhathi omunye womakhelwane bakhe eshisa indlu yakhe ebumnyameni ebusuku.
UMamilasigidi, ohlala esigodini sase-Mapate ngaphandle kwase-Thohoyandou, wabikela amaphoyisa ngaleli cala umsolwa wakhonjwa, kodwa amaphoyisa ahluleka ukumshushisa.
NgoLwesine, ubuyele futhi emzini kaMamilasigidi, obusuwakhiwe kabusha – waphinde wayishisa.
“Ngikhungathekile futhi ngididekile njengoba ngikhuluma nje. Indlu nobekuqukethwe yiyo ikhona kuphela ebenginakho empilweni. Manje njengoba le ndlu ishile futhi, angazi nokuthi ngenzeni, ”etshela i-Scrolla.Africa.
Uthe waba nenhlanhla ngemuva kokushiswa kokuqala komuzi wakhe ngonyaka wezi-2019 ngoba wakhelwa kabusha ngumSamariya olungileyo wendawo, uLivhuwani Madadzhe.
UMadadzhe, ongusomahlaya odumile owaziwa ngoCaptain SABC Livhu, wezwa ngosizi lwakhe wamakhela indlu enekamelo elilodwa enethezekile abehlala kuyo nezingane zakhe ezimbili, ezineminyaka eyi-12 neyi-6 ubudala.
UMamilasigidi uthe usanda kufaka isicelo selayisense yokuhweba kumasipala wendawo wase-Thulamela, kodwa kuthe lapho izinto sezibukeka zihamba kahle, wahlangabezana nale nkinga.
Kwakuwusuku lwakhe lokuqala eyodayisa ngesikhathi ethola ucingo lokuthi indlu yakhe iyasha, futhi konke obekuphakathi kucekelwe phansi.
“Okubi kakhulu ukuthi umuntu oyedwa owenza konke lokhu. Bakhona ngisho ofakazi, kodwa usahambahamba ezitaladini,” kusho uMamilasigidi.
Okokuqala nje, umsolwa ubonwe ngunina kaMamilasigidi eshisa indlu, kwathi ngoLwesine omakhelwane bambona ngesikhathi enza leli cala emini bebuka.
Manje lo mndeni omncane wamulungu amathathu uphoqeleka ukuba ubekezelele amakhaza asebusika ashubisa umnkantsha ngaphakathi emjondolo ongenawo ngisho umnyango.
Akazi ukuthi kungani yena nomndeni wakhe behlaselwa yilo mlisa.
“Anginagqubu naye kodwa uyangilandela. Ngizizwa ngingaphephile ngempela.”
“Lo wesilisa uyasilandela futhi uzimisele ngokusibulala. Ukube besingaphakathi ngabe sonke sifile. Nginxusa amaphoyisa ukuthi ambophe ngaphambi kokuthi angibulale,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Motlafela Mojapelo uwaqinisekisile amacala amabili okushisa impahla kodwa wahluleka ukunikeza isizathu sokuthi kungani umsolwa engakaze aboshwe, ngaphandle kokuthi athi umphenyi wecala usasekhefini lomsebenzi njengamanje.