Sekuphele iminyaka engaphezu kweyisithupha, kanti namanje imindeni ebalelwa kwengama-30 evela emijondolo yase-Ezankawini eMlazi esigcemeni Q isebenzisa indlu yangasese yomgodi eyodwa.
Izakhamizi zitshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi azisakwazi ukulinda kuze kwakhiwe izindlu zangasese ezifanele.
U-Emily Mkhize, oneminyaka engama-58, uthe, “Ngimdala kakhulu ukuthi ngingahamba ngiye kuleyondlu yangasese engcolile. Sinxusa uhulumeni ukuthi asakhele izindlu zangasese ezifanele. Kade silinde isikhathi eside. ”
Uthe kuhlale kungenampilo ukuthi abantu abaningi basebenzise indlu yangasese eyodwa, kodwa kubi kakhulu manje njengoba kuneCovid-19.
“Uhulumeni ushumayela ukuthi sidinga inhlanzeko, kepha uhulumeni ofanayo usivumele ukuthi sisebenzise indlu yangasese eyodwa isikhathi esingaphezu kweminyaka eyisithupha,” kusho uMkhize.
UMkhize uthe waba phakathi kwabantu bokuqala ukwakha indlu emijondolo eminyakeni engaphezu kweyi-15 eyedlule.
Esinye isakhamuzi, uSibongile Ngcobo, oneminyaka engama-56, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Leyondlu yangasese iyingozi. Ngiyesaba ukuphuma ebusuku. Sizithola sisesimweni esinzima kakhulu futhi akekho obonakala sengathi usikhathalele.”
Lezi zakhamizi zithi zathola indlu yangasese enkampanini yokwakha ebiyakhele abasebenzi bayo ababeyisebenzisa besasebenza kule ndawo.
Ngaphambi kwalokhu, izakhamizi bezijwayele ukuzikhulula kupulasitiki nasehlathini eliseduze.
Ikhansela lewadi, uNomthandazo Shabalala uthe uyalwazi usizi lwabahlali basemijondolo base-Ezankawini.
“Ngidlulisele zonke izikhalo zabahlali, ikakhulukazi ukungabi khona kwenhlanzeko efanele, kumasipala. Njengabo, ngilinde nokuthi uhulumeni wesifundazwe angenelele.”
Umasipala weTheku uthe uzoluphenya lolu daba.