Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
INdlovukazi uNomzamo kaMyeni uphumile esibhedlela saseThekwini ngaphambi kwempelasonto yePhasika futhi uyelulama esigodlweni sasoPhongolo.
Imithombo ithi ukungeniswa kwakhe esibhedlela kuhlobene nokuhoxiswa komshado wakhe neSilo uMisuzulu kaZwelithini isigubhukane.
INdlovukazi uNomzamo kaMyeni, unkosikazi weSilo uMisuzulu kaZwelithini, usephumile esibhedlela saseThekwini ngemuva kwezinsolo zokuthi ubezama ukuzibulala.
Imithombo itshele iScroll.Africa ukuthi iNdlovukazi uNomzamo ikhishwe ngoLwesihlanu ngaphambi kwempelasonto yePhasika. Ngemuva kokuphuma uyiswe esigodlweni sasoPhongolo enyakatho neKwaZulu-Natal esebenzisa imoto eqashiwe.
Esanda kukhishwa uye enkonzweni yePhasika yase-Methodist Church, lapho ebonakale khona ethwebula izithombe namalungu ebandla.
INdlovukazi uNomzamo, waseNdlunkulu yaseMachobeni, ungeniswe esibhedlela ngasekuqaleni konyaka ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi, abangaphakathi abakholwa ukuthi sidalwa ukuphuzwa kwamaphilisi ngokweqile.
Imithombo ithi ukuphuza amaphilisi ngokweqile kwenzeke ngemuva kokuhoxiswa komshado wakhe wobukhosi obuhleliwe neSilo uMisuzulu. Umshado bekumele ube ngomhlaka-26 kuMasingana ngesikhathi kunomcimbi weBandla lakwaShembe.
Ngaleso sikhathi iSilo sathi kumele sigxile ezintweni ezifana njengeNgonyama Trust nezindaba ezithinta iThala Bank.
“Waphuza amaphilisi amaningi, futhi sikholelwa ukuthi ubezama ukuzibulala. Ungeniswe esibhedlela kanti amalungu amaningi omndeni wasebukhosini akhathazekile ngaye,” kusho umuntu ongaphakathi ebukhosini.
Ngemuva kokuhoxiswa komshado obusuhleliwe, kuthiwa iSilo sathumela ithimba nenkomo ukuthi liyoxolisa kwabakwaMyeni.
Indlovukazi uNomzamo uyinkosikazi yesithathu yeSilo.
Esithombeni esingenhla: lNdlovukazi uNomzamo kaMyeni ngemuva kokuphuma esibhedlela.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe