Indlovukazi yaseBrithani igubha engu-70 kwesobukhosi

Arthur Greene

Umholi wendabuko odabuka e-UK (kodwa onobuhlobo eJalimane) kule mpelasonto ugubha iminyaka engu-70 eyiNdlovukazi – umgubho abantu bomdabu abawubiza ngePlatinum Jubilee.

INdlovukazi u-Elizabeth II isibuse isizwe sayo kusukela ngo-1952 kanti izinsuku ezine zemigubho ziqale ngoLwesine ngombukiso wamasosha phambi kwe-Buckingham Palace.

Igqoke ngemibala egqamile yemvunulo yasebukhosini, iNdlovukazi yaseBrithani kanye namanye amalungu omndeni wayo, abakwaWindsors, baphakamisele izandla izibukeli ebezibukela umbukiso wamasosha.

Umndeni wasebukhosini waseBrithani usunamakhulu eminyaka uziqhenya ngebutho lawo lezimpi, futhi ubukhazikhazi obugubha ngabo kungesinye sezizathu ezenza abantu emhlabeni wonke bajabule ngalaba babusi abanobukhazikhazi.

Ayikho enye indawo emhlabeni lapho umuntu angathola khona unogada wasebukhosini egqoke isigqoko esingu-45 cm esenziwe ngesikhumba samabhere esimnyama. Nakuba bembalwa onogada manje, amaqhawe anonya oMbuso waseBrithani ake asatshwa emhlabeni wonke.

Ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesine kuzoba nomkhosi lapho kuzokhanyiswa khona izibani emhlabeni wonke, kusukela e-Jamaica kuya e-New Zealand kanye naseNingizimu Afrika, ukugubha ukunqoba kwamasosha angaphambilini alo mbuso.

Kwabangaphandle, leli siko lingase libonakale liyisidala futhi lomele igazi kodwa umuntu kufanele aqonde ukuthi amandla abalulekile eBrithani, nokubekezelelana kanye nokuhlonipha umthetho.

Ukuba nenhliziyo enhle kwabo kubonakala ngokuthi basungula imibukiso yezemidlalo edlalwa yiwo wonke umuntu emhlabeni, kodwa abahlezi benekhono kuyona.

Laba bantu bayaziqhenya ngokuqongelela udoti, isihloko sezinhlelo eziningi zakumabonakude ezidumile. I-jubilee ithuba lokuqongelela amathisipuni amaningi namasoso anobuso beNdlovukazi bese wengeza kwinqwaba evela kuwo wonke amanye ama-jubilee adlule.

Bangabantu abakwazi ukubekezelela ubuhlungu, nabajwayele ukuphuza ubhiya ofudumele – abazobe bethobisa ngawo iNdlovukazi yabo.

Umgubho we-Jubilee uzoqhubeka ngempelasonto yonke kanti ngoLwesihlanu, iNdlovukazi izohambela Inkonzo Yokubonga e-St Paul’s Cathedral.

Kodwa ngoMgqibelo uzobe esekhululekile. Uzobingelelwa kwi-Epsom Derby Race ngonogada bendabuko. Lapho, uzobuka umdlalo wasendulo umjaho wamahhashi, umdlalo othokozisayo kodwa onobuqaba lapho amahhashi ashaywa khona ngabagibeli bawo ukuze agijime ngesivinini.

Ebusuku, kuzoba nekhonsathi phambi kwesigodlo sasebukhosini, lapho imibukiso yezinhlobo zomculo zakudala zizohlanganiswa khona ngokudlalwa kwamabhendi esimanje e-pop, afana ne-Duran Duran”.

Imigubho izokwehliswa kancane yizindaba zokuthi indodana eyintandokazi yeNdlovukazi, iNkosana u-Andrew, ngeke ikwazi ukuya kulo mgubho njengoba ihlolwe yatholakala itheleleke nge-Covid-19.

Sifisela uNdlunkulu nesigodlo sakhe okuhle kodwa emzamweni wabo omude nofanelekile wokuba isizwe esiphucuzekile.

Izihloko zakamuva