INdlovukazi ukaMayisela ujabulise izihlwele ngomculo wakhe omnandi

Celani Sikhakhane

INdlovukazi yeNkosi uMisuzulu kaZwelithini yenze ezibukwayo ngokunandisa ngomculo emcimbini obuwubukhazikhazi wokugibha iminyaka engama-50 yokuzalwa yomsunguli womcimbi wama-Crown Gospel Music Award, uZanele KaMbokazi Nkambule, e-La Lucia.

UNdlovukazi uNtokozo kaMayisela wakwaKhangelamankengane ushiye izihambeli  zilangazelela umculo wakhe kuze kube sebusuku.

Umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa ngeSonto ubuhanjelwe ngosaziwayo bezepolitiki KwaZulu-Natali kanye nezihlabani zobumnandi.

UKaMayisela ungumculi we-jazz oseqophelweni eliphezulu, futhi wahlangana neNkosi uMisuzulu ngesikhathi enandisa emshadweni kadadewabo, inkosazana uBukhosibemvelo Nyawo, ngowezi-2009.

Phakathi kwezihambeli ebezihambele umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa lweminyaka engama-50 kubalwa uSotswebhu we-DA eKZN uZwakele Mncwango, umsunguli we-Joyous Celebration uLindelani Mkhize, owayengumlingisi ku-Generations uWinnie Ntshaba, uBrenda Mhlongo olingisa kuMbewu, uVicky Vilakazi ongumculi wezokholo owathola izindondo kanye nabanye abaningi.

Ngokucula kwakhe ingoma yokholo ngesiZulu, uKaMayisela unikeze izihambeli ubusuku obuhle kakhulu.

Ubonakala elandela ezinyathelweni zenkosikazi yesine yeSilo uZwelithini kaBhekuzulu, iNdlovukazi uNompumelelo MaMchiza naye owayeyisihlabani somculo.

Ngokuba umculi onekhono, uNdlovukazi uMaMchiza ubenguthisha ozinikele, akakaze awushiye lo mkhakha ngisho eseshade neNkosi uZwelithini. Njengamanje unguthishanhloko wesikole saKwaNongoma.

USotshwebhu we-DA uZwakele Mncwango utshele i-Scroll.Africa ukuthi ngesikhathi uKaMayisela eqeda ukucula, izithameli zimncengile ukuthi aqhubeke.

Wonke umuntu uwujabulele kakhulu umculo wakhe futhi besifisa ukuthi aqhubeke nokusibusisa ngephimbo lakhe elimnandi,” kusho uMncwango.

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthe akukusha lokhu ukuba nomuntu onekhono njengokaMayisela.

“Sake saba neNkosazane uMagogo owayengumsunguli womculo we-opera eNingizimu Afrika nabanye abaningi, ngakho-ke uKaMayisela wenza into esidume ngayo ebukhosini,” esho.

Izihloko zakamuva