INDLOVUKAZI IYE EKHAYA

Intokazi yokuqala eNingizimu Afrika uShudufhadzo Musida uvakashele isifundazwe sangakubo okokuqala selokhu yagcotshwa njengo-Miss South Africa 2020 ngoMfumfu.

‘Ukuziqhenya nentokozo yase-Limpopo!’ Kwamukelwe uNdunankulu wesifundazwe uChupu Mathabatha kanye noNgqongqoshe abambalwa kanye nezimeya kubandakanya neMeya yesifunda i-Vhembe lapho kutholakala khona i-Ha-Masia, okuyisigodi avela kuso.

Izinkundla zokuxhumana bezigcwale izincomo zezingubo zakhe ebezenziwe ngumsiki wengqephu odumile uGert-Johan Coetzee kanye ne-Imprint ZA.

UShudu, njengoba ebizwa kanjalo ngabalandeli bakhe, ubephethe ngisho nesivikeli sobuso esikhethekile ebesihambisana nengubo yakhe.

UShudu uthe kuthathe isigodi sonke ukumfikisa lapho ekhona futhi umndeni wakhe uyaziqhenya ngaye.