INdlovu Youth Choir icula ingoma kaMakhadzi eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

INdlovu Youth Choir yase-Limpopo ikhombisile futhi ukuthi ayikho imingcele leli qembu elinethalente elingakwazi ukuyiwela.

Kusukela emculweni womdabu kuya emculweni wanamuhla oshisa izikhotha masonto onke, alukho uhlobo lomculo olungafinyeleli kulo.

Futhi kulokhu, baletha ubumnandi be-“Ghanama” emhlabeni.

I-“Ghanama”, kaMakhadzi ehambisana noBenza, yingoma edale inxabano enkulu phakathi kwezihlabani ezimbili zomculo we-Balobedu House: uMakhadzi noKing Monada.

Ingoma ihlanganiswe okokuqala nguPrince Benza, uMakhadzi kanye nomculi wengoma eyashisa izikhotha i-Idibala uKing Monada.

Kodwa obekuhamba phambili yinxenye kaMakhadzi, efaka uPrince Benza kuphela. UMakhadzi ukhiphe ividiyo yomculo kulandela ukungaboni ngasolinye noKing Monada.

Ngemuva kwempi yabo ezinkundleni zokuxhumana, la baculi bobabili bakhiphe izingoma ezihlukene ezibizwa nge-“Ghanama” ekuqaleni kukaNtulikazi.

Manje isetshenziswe yiNdlovu Youth Choir ukuhlanganisa abantu ezinkundleni zokuxhumana ngokwenza ikhava ye-acapella yengoma.

INdlovu Youth Choir yagqama embukisweni wamathalente othandwayo, i-America’s Got Talent, lapho badlulela khona kowamanqamu. Okuqukethwe yileli qembu kuyaqhubeka nokuba phakathi kwamavidiyo ahamba phambili njalo ngesonto ezinkundleni zokuxhumana, okubandakanya namakhava engoma yamapiyano.

NgoMgqibelo leli khwaya ligoduke nendondo ye-South African Music Awards (i-SAMA27) Best Contemporary Album.

Izihloko zakamuva