Indlela uWalder aziphathe ngayo ngemuva komdlalo wesibhakela ibingeyinhle

Menzi Magubane

Angiyena umlandeli omkhulu womdlalo wesibhakela, kodwa ngiyakholelwa kumina, ngiyakwazi ukubona isehluleki uma ngabe siphambi kwamehlo ami.   

Futhi lokhu ngikusho ngaphandle kokusaba, nokuphikiswa ukuthi lo mdlali wesibhakela waseMelika uDeontay Wilder uyisehluleki esibonakalayo. 

UTyson Fury odume ngelikaGypsy King ubuyise i-WBC Heavyweight belt e-Las Vegas ngeSonto ekuseni ngesikhathi ehlula uWilder, kodwa izenzo zikaWilder ngemuva komdlalo wesibhakela zikhombise ukuthi akafundisekile. 

Ngemuva kokuhlulwa kumdlalo wesibhakela kumjikelezo weshumi nanye, lo owaziwa ngeBronze Bomber unqabile ukwamukela ukuhlulwa ngengomdlali oqotho oneqiniso. 

Ngesikhathi uGypsy King ezama ukuxhawula isandla sikaWilder ngemuva kokuphela komdlalo wesibhakela, uhlangabezane nempendulo  emangazayo. 

“Ngithe ngiyakuhalalisela zakwethu,” wathi yena “angifuni ukukhombisa ukukujabulela noma inhlonipho’. Ngathi ayikho inkinga. Lokho kuyamangaza. Uyisehluleki futhi isilima,” kusho uFury etshela i-BT Sport ngemuva kwemizuzu emibalwa uphelile umdlalo. 

Lo bekuwumdlalo wabo wesithathu bebhekana ndawonye eminyakeni esanda kudlula, njengoba uFury wawina kabili ngonyaka wezi-2020 kanye nonyaka wezi-2021 futhi ngonyaka wezi-2018 waphela umdlalo benamaphuzu alinganayo. 

Ngemuva kokuba bagobise amakhanda abo babingelelane, bekukhona ukungazwani kubo bobabili njengoba uWilder ekholelwa ukuthi uFury wamrobha kumdlalo wabo waphambilini. 

UWilder kumele azibone enenhlanhla njengoba enomqeqeshi oseqopheleni eliphezulu uMalik Scott. 

“UDeontay ubuka uFury njengendoda anenkinga nayo kulandela izinsolo ezinzima nezinto azibona ngamehlo akhe,”  kusho uScrott. 

Lo bekungumdlalo wesibhakela wokuqala kaWilder eqeqeshwa uScott. Umqeqeshi uncome uFury kanye nomqeqeshi wakhe, uSugar Hill Steward ngokungakhathali ukuthi uWilder ucabangani. 

“Bengihlezi ngithi kulo lonke ulwazi analo, angikaze ngibukele phansi  amakhono akhe noma uhlobo lomshayisbhakela ayilo,” kusho uScott. 

“Ngangihlezi ngithi akusiye umuntu ozimisela nje, kodwa uzimisela ngendlela enhle kakhulu futhi usondele ekubeni umpetha. 

Njengoba uWilder esazipholisa amanxeba, uFury usefakele inselela kumdlali wase-British uDillan Whyte. UWhyte kuzomele ahlule u-Otto Wallin ukuze akwazi ukubhekana noGypsy King. 

Umthombo wesithombe: @WBCBoxing

Izihloko zakamuva