Indlela kaZuma: uma esenkingeni, uhlasela amajaji

Lungani Zungu

Uma uJacob Zuma esenkingeni nomthetho, uvele asole abezomthetho ngokungamphathi kahle, futhi nabalandeli bakhe bayameseka.

NgoMsombuluko akukho obekuhlukile ngemuva kokuthi lowo owayengumengameli ehlasele uhlelo lwezobulungiswa bezwe esitatimendeni esinamakhasi ayi-12.

Ngaphandle kokudalula amagama, usole amanye amajaji ngokusiza uMengameli uCyril Ramaphosa ukufihla lokho athi kubukeka njengokufumbathisa ukuze anqobe ingqungquthela ye-ANC ngowe-2017.

“Sihlala namajaji asiza uMengameli obambile ukuba afihlele umphakathi lokho okubukeka sengathi kuyizifumbathiso ukuze kutholakale ukhetho lwangaphakathi lwe-ANC.

“Sihlala namajaji afihla lawo marekhodi ngoba lawo marekhodi angaveza ukuthi amanye awo ngesikhathi ngesikhathi bengamele izinkantolo zethu izandla zabo zigcwele izimfumbathiso.”

Amazwi akhe adalwe yisimemezelo sePhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo sokuthi uzocela iNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi ibophe uZuma, kulandela ukuchitha kwakhe ikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yindlanzana ngoMsombuluko.

UZuma bekumele avele kule khomishini isonto lonke.

UZuma akushilo ukuthi uyawuhlonipha umthetho, kodwa ulwa “namajaji aphula umthetho”.

Uthe: “Akuwona umthetho engiwudelelayo, kodwa amajaji ambalwa eqa umthetho ashiye isikhundla sawo somthethosisekelo ngenxa yesikhundla sezepolitiki. Ngilwa nabezomthetho asebephenduke amandla ezombusazwe afuna ukucekela phansi izwe lethu.”

UZuma uchaze umyalo weNkantolo yoMthethosisekelo omtshela ukuthi abuyele kwikhomishini yokulawulwa kombuso yidlanzana njengendlela yokudlala ngomthetho.

“Akekho ongasho ukuthi akasiboni isinqumo sakamuva seNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi siyindlela yokuhlukumeza ubulungiswa.”

UMengameli wamaJaji weNkantolo eNkulu yase-Gauteng uDunstan Mlambo akazange asinde ekugxekweni kukaZuma. Usolwe “ngokuba nezinguquku” njalo uma kuza ekwahluleleni okubandakanya yena.

UMlambo kusamele aphendule.

UZuma uthe, abukho ubulungiswa kwezomthetho uma kuza kuye, kodwa wafunga ukuthi uzolwa.

Isazi sezomthetho u-Ulrich Roux uthe, indlela uZuma aziphethe ngayo iyihlazo.

“Kusobala ukuthi akaholi ngesibonelo njengalowo owayengumengameli wezwe. Uphikisana noMthethosisekelo ofanayo afunga ukuwuvikela.”

Isithombe: @PresJGZuma

Izihloko zakamuva