Indlela entsha yokukhiqiza i-boerewors

Kamogelo Olaitan

I-Boerewors ihamba phambili kunazo zonke izoso zakuleli, imnandi kakhulu mawiyidla ne-chakalaka kanye nepapa noma ama-rolls.

Ngabe uyazi ngempela ukuthi liyini leli soseji elidumile lakuleli? Uma ungazi ungakhathazeki ngoba uhulumeni usanda kubeka imithetho emisha yokuchaza ukuthi iyini le soseji eyintandokazi.

UNgqongqoshe wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba kanye nokuYhuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uThoko Didiza wethule imithethonqubo emisha eshicilelwe kwigazethi kahulumeni eMthethweni wamaZinga omKhiqizo wezoLimo (APS) ngoLwesihlanu.

I-Boerewors ingenziwa kuphela ngenyama yenkomo, yemvu, yengulube noma yembuzi kanti kumele iqukathe ubuncane benyama ngo-90% kanye namafutha angu-30%.

Ezinye izithako ezivunyelwe u-vinegar, izinongo, ama-herbs, usawoti, isitashi kanye namanzi.

“I-Boerewors kumele ingaqukathi okudliwayo noma okungenakudliwa, ngaphandle kokuthi kusetshenziswe kuphela njenge-cosing ye-boerewors eluhlaza.”

I-Boerewors ayivunyelwe ukuqukatha inyama ebuyiselwe ngomshini, inqubo yokukhiqiza ikhipha i-paste yenyama ngokususa amathambo enyameni bese igcindezelwa nge-sieve.

Imithetho yakamuva iphinde ihlukanise phakathi kwenyama egayiwe eluhlaza, ama-burger, ama-bangers, ama-griller, nama-sizzler phakathi kokunye.

Izihloko zakamuva