Indlala iphoqe uBilliat wavuma imvuthu yemali

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uKhama Billiat useshintshe kakhulu kwezezimali ngemuva kokusayina eqenjini lase-Zimbabwe, i-Yadah FC.

Kusukela ekutholeni u-R850,000 ngenyanga esikhathini esingengakanani esidlule, uBilliat usehle wafinyelela ku-R95,000. Lokho kusho ukulahlekelwa okukhulu okungu-85% emholweni wakhe.

Njengoba esayine ku-Yadah, esinde ngokulambisa ezembeni ngesizini edlule, inani lemakethe likaBilliat lehle kakhulu laya ku-R8.2-million lisuka ku-R41-million, ngokusho kwe-Transfermarkt.

Yize ehola imali encane uma kuqhathaniswa nesheke lakhe kuKaizer Chiefs, usazoba umdlali ohola kakhulu kwiligi yasekhaya e-Zimbabwe.

“Uma sibheka umlando wakhe omkhulu kanye nokuthi ubengumdlali okhokhelwa kakhulu kuKaizer Chiefs, bekumele simbekele isithembiso esihle futhi sikholelwa ekutheni lokho kumfanele,” kusho usihlalo we-Yadah u-Everson Chatambudza etshela i-Zimpapers.

Lo mdlali (33) ubuye wavela kwelakubo ngesikhathi abanye bebona sengathi kusekuningi azokwenza ebholeni lakuleli.

Kodwa ifomu yakhe isaqhubeka nokushabalala ngemuva kokunqaba ukwehliselwa iholo kuChiefs. Imali azoyihola e-Zimbabwe ihluke kakhulu kulokho abengakuthola kuChiefs ukube wamukele isivumelwano esisha.

Ekuqaleni kuke kwabikwa ukuthi i-Yadah izombolekisa eqenjini elikhulu lase-Harare, i-Dynamos FC ukuze ahlale ebukeka emakethe njengoba ebheke ukuya e-Saudi Arabia kodwa akunjalo.

“Asinazo izinhlelo zokumbolekisa,” kusho uChatambudza.

“Sikholelwa ekutheni amava akhe azoyisiza i-Yadah. Besingeke simkhokhele imali eqopha umlando ukuze nje ahlomise izimbangi zethu. Ungumdlali onephrofayili enkulu futhi iyasiza ngentshisekelo yethu yokuhweba … kanye nokubonakala komkhiqizo.”

UBilliat usayine inkontileka yonyaka ne-Yadah, okuyiqembu likasozimali ongundabamlonyeni uWalter Magaya ongumsunguli nomholi we-Prophetic, Healing and Deliverance Ministries.

Esithombeni esingenhla: Owayengumdlali weKaizer Chiefs uKhama Billiat

Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs

Izihloko zakamuva