Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Babalelwa ku-255 abavukuzi abangekho emthethweni abaphume ezimayini ezingasasebenzi ngemuva kokuthi amaphoyisa avimbe abantu bendawo ukuthi babalethele ukudla namanzi e-Orkney, e-North West.
Bephelelwe amandla ngenxa yendlala nokoma, abavukuzi baphume emayini ngoMgqibelo, lapho amaphoyisa abemi khona ngaphandle elinde ukubabopha.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke u-Athlenda Mathe uchaze ukuthi i-Operation Vala Umgodi, eholwa ngamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ne-South African National Defence Force (SANDF), ivimbe abantu ukuthi banikeze abavukuzi izinsiza.
“Laba bavukuzi abangu-225 abangekho emthethweni bayingxenye yabanye okukholakala ukuthi bangamakhulu uma bengesiyo inkulungwane abangabavukuzi abangekho emthethweni abavaleleke emgodini abangenakudla, amanzi, kanye nezidingo,” kusho yena.
“I-SAPS namalungu e-SANDF bavimbe imiphakathi ezindaweni eziseduze e-Orkney ukuthi balethe amaphasela okudla, amanzi, kanye nezidingo.”
Amaphoyisa aqaphe ngeso lokhozi izimayini ezishiywe dengwane njengoba abavukuzi abaningi beqhubeka nokuphuma.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uLieutenant General Shadrack Sibiya uthe i-Operation Vala Umgodi ibe yimpumelelo.
“Siqaphe ngeso lokhozi isimo esiqhubekayo esifundazweni sase-North West, angeke sihambe lapha bengakaphumi bonke labo bavukuzi abangekho emthethweni ukuze baboshwe. Selokhu yasungulwa ngoZibandlela nyakenye, kuze kube manje bangaphezu kuka-13 691 abasolwa asebeboshiwe ezifundazweni eziyisikhombisa okuyizindawo ezidume ngokuvukuza ngokungemthetho.
Sishaqe u-R5 million wemali namadayimane angasikiwe abiza u-R32 million ngo-Operation Vala Umgodi,” kusho uLt Gen Sibiya.
Iningi lalabo ababoshiwe ngabantu baseNingizimu Afrika, abase-Mozambique, kanye nabadabuka e-Lesotho.
Esithombeni esingenhla: Abavukuzi abangekho emthethweni ngemuva kokuphuma emigodini yezimayini engasebenzi.
Umthombo wesithombe: SAPS
