Indiza ye-FlySaFair ihlale ngokuphepha ngemuva kokuphuma kwesondo

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Indiza i-FlySaFair ebilibangise eKapa isuka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ihlale ngokuphepha ngemuva kokuba ilahlekelwe yisondo ngesikhathi isuka ngeSonto.

Indiza i-FA212 isuke ngo-11:32 ngeSonto ekuseni njengoba bekuhleliwe kodwa kwadingeka ukuthi ijike ngokushesha ngemuva kokuthi abasebenzi abebephansi bebone ukuthi elinye lamasondo endiza liphumile. 

Isikhulu sezokukhangisa kwa-FlySaFair uKirby Gordon ukuqinisekisile ukuthi kuthathwe isinqumo sokujikisa indiza ibuyele eGoli. 

“Ngemuva kokusuka kwendiza, abasebenzi base-OR Tambo babike ukuthi babone umonakalo kwelinye lamasondo angemuva endiza. Kwabe sekubikelwa ithimba labasebenzi abebekwindiza,” usho kanje.

Ngaphambi kokuhlala, indiza bekufanele idlule kafushane esikhumulweni sezindiza samazwe ngamazwe i-OR Tambo ukuze ivumele amaqembu ochwepheshe ukuthi ahlole igiya lokumisa indiza. 

“Indiza idlule cishe ngo-1:20 [pm] ngakho ochwepheshe baqinisekisa ukuthi elinye lamasondo amane angemuva liphumile ngesikhathi isuka,” kusho uGordon.

Uthe isondo elithintekile lingelinye lamabili abhangqwe kwesokunxele ngemuva.

Indiza ihlale ngokuphepha ngo-2:06 ntambama kanti akubikwanga muntu olimele.

UGordon uthe kuzophenywa ngembangela yomonakalo wesondo.

Esithombeni ngenhla: Isondo elilimele lendiza ye-FlySaFair Boeing.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva