Everson Luhanga
Intatheli uPiet Rampedi ulinde izinyanga elindele ukuthi uGosiame Sithole abelethe izingane eziningi. Kodwa angakaze akwazi ukuthi ngabe uSithole wazizala yini izingane eziyishumi, noma eyodwa nje!
Ngemuva kokuhlangana naye esontweni, uSithole nomlingani wakhe uTebogo Tsotetsi, banikeze uRampedi isiqiniseko sokusiza uSithole ngesikhathi ekhulelwe. Intatheli ibisiza umndeni ngokubahambisa emitholampilo ukuze ayohlolwa nokunye okuhle.
Kuthe sekufika isikhathi ngoMsombuluko odlule, uRampedi wasakaza lezi zindaba, wenza lo mndeni undabamlonyeni emhlabeni wonke jikelele ngokuqopha umlando.
Kodwa manje sekucacile ukuthi lolu daba walushicilela ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi izingane zazalwa.
NgoLwesibili, i-South African National Editors’ Forum igxeke imigomo yobuntatheli bukaRampedi, ibhala esitatimendeni ithi:
“Manje sekucacile ukuthi uRampedi akazange azibone izingane noma abe nobufakazi bokuzalwa kwazo, kodwa uthembele kakhulu emiyalezweni ka-WhatsApp phakathi kukaSithole noTsotetsi ukubika njengeqiniso lokuthi izingane zizelwe. Ubuntatheli obunobudedengu nobungenazibopho obusezingeni eliphezulu.”
Ngesikhathi sekucaca ukuthi le ndaba isizoba yihlazo ngokushesha ezweni lonke, uRussell Baloyi ugxume wasiza umndeni nge-PR.
NgoLwesibili, uBaloyi ukhiphe isitatimende somndeni esisho ngokusobala ukuthi lezi zingane eziyishumi azikaze zibe khona.
“Umndeni usuxazululile futhi waphetha ngokuthi azikho izingane ezizalwe phakathi kukaTebogo Tsotetsi noGosiame Sithole, kuze kube kufakazelwa ngenye indlela, futhi ufisa ukuxolisa nganoma yikuphi ukuphazamiseka nokujabha,” kufundeka isitatimende.
UBaloyi uthe umndeni wakwaTsotetsi wahlangana ngoLwesibili mhlaka ziyi-15 kuNhlangulana ngiwezi-2021 emzini wabo ose-Tembisa, lapho uTebogo Tsotetsi atshela amalungu omndeni wakhe ukuthi wayengacabangi ukuthi uGosiame wazala izingane eziyishumi.
“UTebogo ukuqinisekisile ukuthi akazibonanga izingane futhi uthembele entombini yakhe ebifona imazisa ngokuzalwa kwazo.”
Ngoba uthi wayengekho ngesikhathi kuzalwa izingane, uthi wazisa i-Pretoria News noRampedi ngezingane eziyishumi ngokususelwa kulwazi aluthola entombini yakhe.
“Umndeni awukaze usitshele ukuthi uzibonile izingane futhi uthembele ocingweni naku-whatsapp oqinisekiswe intombi,” kusho uBaloyi.
Uthe umndeni ulahlekelwe ukuxhumana noSithole futhi, njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe, bavule icala lomuntu olahlekile. Amaphoyisa ase-Tembisa nokho aliphikile icala elivuliwe esiteshini
Uthe umndeni ubonga ukwesekwa ngumphakathi. “Siyayithakasela intshisekelo nokuxhaswa komphakathi ngokuzalwa kwezingane eziyishumi, futhi ngaphandle kobufakazi bokuthi zikhona sikholelwa ngokuqinile ukuthi kuzuzisa wonke umuntu ukuphetha ngokuthi azikho, kuze kube kufakazelwa ngenye indlela.
“Manje sizogxila ekutholakaleni kukaGosiame Sithole, sibe sithandazela nokuthi abuye ephephile.”