Indida uMntwana uSimakade ebekwa njengeSilo

Celani Sikhakhane

Amavukelambuso kaZulu afuna uhulumeni anikeze uMntwana uSimakade isabelomali seminyaka yonke seNgonyama yamaZulu esingu-R65 million kungenjalo bazomxhasa ngokwabo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMntwana uSimakade ethweswe umqhele ngoMgqibelo ebusuku njengeSilo samaZulu esigodlweni saseNyokeni KwaNongoma KwaZulu-Natal.

USimakade uthweswe umqhele ngemuva kokwenza isiko lokungena esibayeni esingcwele, okwenziwa ngokwesiko yinkosi yesizwe samaZulu.

UMntwana uMandlakapheli Zulu utshele izintatheli ngoMgqibelo ukuthi uma uhulumeni enqaba ukweseka uSimakade kaZwelithini njengeSilo sesizwe samaZulu bazomfaka ingcindezi ngokuzixhasa bona. 

“Uyindlalifa efanelekile futhi usengene esihlalweni sobukhosi njengeSilo samaZulu elandela ngemuva kokwenza amasiko angcwele futhi sikholwa ukuthi abantu bazosheshe babone ukuthi uMisuzulu akumfanele ukuba iSilo, kodwa kufanele kuphakamiswe uSimakade,” kusho uMntwana uMandlakapheli.

ISilo uMisuzulu kulindeleke ukuthi enze amasiko afanayo ngomhlaka-20 kuNcwaba njengoba ezongena esibayeni esingcwele KwaKhangelamankengana esigodlweni esikwaNongoma.

Ngesonto eledlule uNdunankulu weSilo uMntwana uMangosuthu Buthelezi usigxekile isenzo sikaMntwana uSimakade wachaza isiko lesibaya sakhe esingcwele njengengamanga.

Uthe uMntwana uSimakade akakwazi ukwenza noma yini kule mikhosi ngoba akasisona iSilo futhi kumele kube iNgonyama uMisuzulu ohlezi esihlalweni sobukhosi.

UButhelezi uthe uMisuzulu uyena kuphela iSilo esihlonishwe umndeni  noMengameli uCyril Ramaphosa.

Uhlangothi lukaMntwana uSimakade seluhlulwe emacaleni angaphezu kwamathathu afakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu naseNkantolo eNkulu yasePitoli.

Bazama ukumisa ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu nokuqeda ukuhlonishwa kwakhe njengeNgonyama kaZulu.

Akukhona okokuqala kuphonselwa inselelo isihlalo sobukhosi sikaZulu.

Eminyakeni eyishumi eyedlule iSilo Samabandla esesakhothama uZwelithini KaBhekuzulu savivinywa ngemuva kokuba umshana wakhe uMntwana uMelizwe Dlamini waseNhlangwoni emfaka eziNkantolo ethi naye ufuna ukuba Isilo.

Kwaphinde kwayiwa nakwiKhomishini kaNhlapo eyasungulwa ngowayenguMengameli uThabo Mbeki, kodwa uDlamini wafike wachithwa.

Umthombo wesithombe: @TheCitizen

Izihloko zakamuva