Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala ulwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kokuhlaselwa emzini wakhe ezintatha zangoLwesibili.
Lo wesifazane okungakadalulwa ukuthi ungubani, utholwe ngumyeni wakhe esesimweni esibucayi emjondolo wabo wase-Lotus eGugulethu, eKapa.
U-Aphiwe Jikwana ongudadewabo wesisulu uthole lezi zindaba ngehora lesithupha ekuseni kwelinye ilungu lomndeni wabe esephuthuma endaweni yesigameko.
“Ngiqale ngangabona ukuthi isimo sishube kanjani njengoba ngifike udadewethu sebevele bemuphuthumise esibhedlela,” kusho uJikwana.
“Umakhelwane uthe uzwe umsindo wabantu belwa, kodwa wacabanga ukuthi bekwenzeka kwenye indawo. Akakholwanga ngesikhathi ethola isisulu.”
Ngokusho kukaJikwana, umyeni kadadewabo ulandise ngokuthi umfice embhedeni egcwele igazi.
“Abambonile bakholelwa ukuthi ushaywe ngento ethile ekhanda echaza isizathu sokuthi kugcwale igazi embhedeni,” kusho uJikwana.
“Okusididayo amashidi namakhava amaphilo abengekho. Silindele ukwaziswa amaphoyisa ngenqubekela phambili.”
Ilungu lomphakathi elingafunanga ukudalulwa igama, kodwa elizaziyo izisulu alikholelwa ukuthi lesi isigameko ebesingahleliwe.
“Indawo yethu inezinkinga zayo, kodwa abahlaselwa abantu ezindlini zabo. Uma amaphoyisa engajula ngophenyo angase avundulule imininingwane ebalulekile,” kusho ilungu lomphakathi.
UMnu Thembinkosi Bala ongumholi womphakathi, ugcizelele ukubaluleka kokuvumela inqubo yezomthetho ithathe indawo yayo.
“Lesi yisigameko esingakaze senzeke kuthina, sihlela ukuhlangana namaphoyisa e-SAPS maduze ngoba umyeni wakhe uke waphonswa imibuzo, sithemba ukuthi ngophenyo lwabo sizozithola izimpendulo,” kusho uBala.
USayitsheni uWesley Twigg, okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Western Cape, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseGugulethu abhalise icala lokuzama ukubulala kulandela ukuhlaselwa kowesifazane oneminyaka engu-30 ubudala.
“Isisulu singeniswe esibhedlela ukuze sithole ukwelashwa. Uphenyo luyaqhubeka kanti akukaboshwa muntu,” kusho uTwigg.
Isithombe esingenhla: Owesifazane oneminyaka engu-30 wase-Lotus elokishini laseGugulethu, eKapa ulwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kokuhlaselwa ngesihluku ekhanda.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze