Indida ngomzimba owatholakala esitokisini sikaBester

Lubhalwe i-GroundUp

Amaphoyisa ngempelasonto aveze ukuthi isidumbu esashiswa esitokisini sikaThabo Bester sesihlonziwe nomndeni wabikelwa.

Kodwa umndeni kaKatlego Bereng owayebuye asebenzise isibongo sikaMpholo uthole imininingwane eshayisanayo emaphoyiseni mayelana nesimo sokushona kwakhe.

Okunye okungaqondakali umehluko phakathi kobude bomzimba embikweni wokuhlolwa kwesidumbu kanye nobude bukaBereng. Umzimba wawumfushane ngokwedlulele, kodwa abantu abamaziyo uBereng bamchaze njengomuntu omude.

Umndeni kaKatlego Bereng okukholakala ukuthi nguye owatholwa eshonile esitokisini sombulali nomdlwenguli uThabo Bester, ufuna izimpendulo.

Ngokusho komndeni wakhe, uBereng owayephinde asebenzise isibongo sikayise uMpholo, owayehlala e-Bloemfontein waduka ngoNdasa nyakenye. Babikela amaphoyisa ngemuva kwezinyanga ezimbili nyakenye. Cishe ngemuva konyaka, amaphoyisa axhumana nomama kaBereng, uMonica Matsie mayelana nendodana yakhe. Wacelwa ukuba enze ulibofuzo kabili okuthe ngemuva kwalokho watshelwa ukuthi indodana yakhe isishonile.

Okhulumela i-SAPS u-Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi umndeni wesidumbu esitholwe esitokisini wazisiwe. UMathe uthe akukho okunye abazokuphawula.

UBester weqa ejele lase-Mangaung mhla zintathu kuNhlaba nyakenye ngokuqamba amanga ngokushona kwakhe emlilweni. I-SAPS ikuqinisekisile ePhalamende ukuthi izidumbu ezintathu zalandwa emakhazeni ase-Free State nguzakwabo kaBester, uNandipha Magudumana okuyisona esitholwe esitokisini sikaBester sishiswe kangangokuthi wayengasabonakali. Ukuphawula kwamaphoyisa ngempelasonto kuchaza ukuthi bekuyisidumbu sikaBereng esatholwa esitokisini.

Ngokombiko wokuhlolwa kwesidumbu esitholwe esitokisini, lo muntu ushone ngenxa yokulimala kanzima ekhanda ngaphambi kokushushumbiswa esitokisini washiswa. Kodwa umndeni kaBereng uthole imibiko eshayisanayo emaphoyiseni mayelana nendlela uBereng ashona ngayo. Elinye iphoyisa libatshele ukuthi uBereng wawa enkabeni yedolobha i-Bloemfontein waphuthunyiswa esibhedlela i-Pelonomi, kanti elinye lathi ulimele washonela esibhedlela.

Umndeni kaBereng umchaze njengomuntu owayemude futhi emncane,” kodwa isidumbu esitholakale esitokisini besingu-1.45m, ngokombiko wokuhlolwa kwesidumbu. Isilinganiso sobude singu-1.69m. Oyi-forensic pathologist nokho ngaphambilini uye wachazela i-GroundUp ukuthi kungenzeka ukuthi ukuhlolwa kwe-postmortem kwenze iphutha ikakhulukazi njengoba umzimba wawusesimweni sokudumba.

Akukacaci ukuthi kungani umndeni ungakakwazi ukubuka nokuhlonza isidumbu sikaBereng. Bebelindele ukuvunyelwa ukuthi bavakashele emakhazeni ngoMsombuluko, kodwa batshelwe ukuthi kusaphenywa. I-SAPS ayizange iphendule esicelweni sethu sokuthi siphawule kanti uMnyango wezeMpilo e-Free State, ophethe emakhazeni kahulumeni uthe ngeke ukwazi ukuphawula ngodaba lukaThabo Bester.

UBereng ubehlala endaweni yaseMangaung ukusuka kuSenohe Matsoara, umphathi wejele obhekene necala lokubulala kanye nokusiza ekweqeni kukaBester. Ngokusho komngane wakhe omkhulu, uBereng wayemazi uMatsoara futhi bobabili babevame ukuvakashela endaweni yokucima ukoma, behamba ibanga elide ukusuka emakhaya abo.

I-GroundUp ivakashele kwaMatsoara ngoMsombuluko bafice kupakwe imoto yakhe yohlobo lwe-Volkswagen T-Roc R-line. I-TimesLive ibike ukuba kucatshangwa ukuthi wathenga le moto, ngenani lika-R650 000, esebenzisa imali ayeyikhokhelwe ukusiza ukuhlela ukuphunyuka kukaBester. Umbiko ofanayo ukhomba ukuthi indlela yokuphila kaMatsoara yashintsha kakhulu ezinyangeni ngaphambi kokuphunyuka nangemuva kokuphunyuka kukaBester.

Abantu abambalwa e-Bloemfontein batshele i-GroundUp ukuthi abawathembi amaphoyisa ukuthi azoxazulula amacala abantu abadukile.

Isithombe esingenhla: UThabo Bester

Umthombo wesithombe: I-GroundUp

Izihloko zakamuva