Indida ngokumitha kwesilwane i-gibbon 

Abaqaphi bezilwane e-Japan bamangale kabi ngesikhathi bethola ukuthi isilwane i-white-handed gibbon okuthiwa uMomo simithe ngo-2021 endaweni ebibiyelwe kakhulu kunazo zonke.

E-Nagasaki, i-Kujukushima Zoo & Botanical Garden imemezele ngesonto eledlule ukuthi ukuhlolwa kolibofuzo kukhombisa ukuthi uyise wengane kaMomo u-Itoh, oyi-gibbon yesilisa owayevalelwe endaweni ebiyelwe ehlukile.

UJun Yamano, unsumpa wesiqiwi utshele i-Vice magazine ukuthi kuthathe iminyaka emibili ukukuthola ngoba abakwazanga ukusondela ngokwanele ukuze baqoqe amasampula.

“UMomo ubeyivikela kakhulu ingane yakhe,” kusho uYamano.

UYamano uthe i-zoo ithole umgodi omncane onesilinganiso esingaphansi kwesentimitha ububanzi, ebhodini lokuhlukanisa indawo yombukiso kanye nekheji likaMomo.

Isiqiwi  sikholelwa ukuthi ama-gibbon ahlangana ngesikhathi u-Itoh ehlezi endaweni yombukiso eduze kukaMomo, owayengaphesheya.

Isiqiwi siphinde sengeza ngokuthi bahlela ukuthuthela u-Itoh, kuMomo kanye nengane.

Ama-white-handed gibbons amancane, abizwa ngama-primates asengozini yokuzalwa e-Southeast Asia. Ikakhulukazi bangaba ngumfazi nendoda, kanti lezi zilwane zijwayele ukwakha ubudlelwano ezihlala nabo impilo yazo yonke, kubika i-Business Insider.

Ama-primates ahlangana unyaka wonke, kanti umama ngokuvamile osebenza njengomnakekeli, nakuba engathola usizo oluthile kubaba.

Ama-gibbons ahlala nabazali cishe aze abe neminyaka ayisikhombisa. 

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe esingenhla: Isilwane esimhlophe esibizwa nge-Gibbon

Umthombo wesithombe: National Geographic Kids

Izihloko zakamuva