Lubhalwe nguRorisang Modiba
Emasontweni ambalwa edlule umculi waseNingizimu Afrika uSkomota ubonakale kwividiyo eduze kwemoto yohlobo lweMercedes-Benz V-Class, ebiza u-R1.4-million.
Abanye abantu bake bazibuza ukuthi imoto ngeyakhe yini kodwa kwabuye kwaqinisekiswa ukuthi ngeyakhe, ubuso bakhe bubonakale bugqamile emotweni.
Kodwa manje sekuvela ividiyo ekhombisa iMerc ngemuva kweloli likaMashiyela Towing ezinkundleni zokuxhumana.
Yize abanye bethi kungenzeka ukuthi imoto idinga ukulungiswa, abanye basola abantu ngokuba nomona ngoSkomota.
Abanye bathi le moto bekuyimoto yokumxhasa kodwa akusiyona eyakhe.
UZamcolo Wezulu uphawule ku-X wathi: “Abantu abamnyama kanye nabanye abantu bayanyanyisa.”
U-ϻâᕼ๏ мⓝ uthe: “Kwakuyimoto yokumxhasa, kusobala ukuthi babenesikhathi esinqunyiwe kwinkontileka, angazi ukuthi kungani abantu abamnyama bejabulela ukuwa kwabanye abantu abamnyama!!”
Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathi babone imoto imi inganyakazi emgwaqeni onguthelawayeka.
“Ihamba kanjani uma ifile? Izimoto zifa nsuku zonke,”kusho omunye.
Omunye uthe: “Mhlawumbe iyolungiswa, kodwa nina senishaya izandla ngokuwa kwakhe. Nihlushwa umona futhi uzonibulala.”
IScrolla.Africa ixhumane nabaphathi baSkomota ukuthola kabanzi ngesiphetho sale moto, kodwa bebengakaphenduli kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Esithombeni esingenhla: USkomota.
Umthombo: X