Indida ngencwadi yase-Namibia ethunyelwe kwi-NPA

Dylan Bettencourt

Incwadi okusolakala ukuthi yayisuka e-Namibia ithunyelwe kwiziphathimandla zakuleli isiwubufakazi obubalulekile ekunqumeni ukuthi ngabe iziphathimandla zakuleli ziyabandakanyeka yini ekufihlweni kokuntshontshwa kwezigidi zamaRandi epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa e-Phala Phala.

Imibiko evela e-Namibia iveza ukuthi ukuboshwa komsolwa oqavile u-Imanuewela David kwabaphoqa ukuthi bagodle imali yakhe okusolwa ukuthi yantshontshwa epulazini ngoNhlolanja ngonyaka ka-2020.

Incwadi yangoNtulikazi ngo-2020 evela kwiziphathimandla zase-Namibia eyathunyelwa eMnyangweni Wezobulungiswa wakuleli icela ukuqinisekiswa kokuntshontshwa kwemali ngokusho kwe-City Press.

Iziphathimandla zase-Namibia ziveze ukuthi sekunezinye izingxoxo ezimbili neziphathimandla zakuleli mayelana nalolu daba.

Umhlangano wokuqala ubungowe-South African Police Service (i-Saps) endaweni ebizwa ngokuthi i-no-man’s land ngase-Noordoewer.

Ukuxhumana kwesibili kwaba noMnyango Wezobulungiswa wakuleli.

Umshushisi jikelele wase-Namibia uMartha Imalwa uthe unolwazi ngemali eyangena ezweni kodwa icala alihambanga ngoba izikhulu zase-Namibia azilutholanga usizo kwelakuleli”, kubika i-The Namibian.

Nokho uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeliswa kweziMilo uRonald Lamola utshele i-City Press ukuthi ubengakakezwa ngesicelo sokuthola usizo lwezomthetho e-Namibia.

Isikhulu sikahulumeni sithe akujwayelekile ukuthi i-Namibia ithumele isicelo sayo eMnyangweni Wezobulungiswa.

“Ngokwenqubo kanye nomthetho wamazwe ngamazwe isicelo bekumele sidlule ehhovisi likaKhomishana Omkhulu wakuleli e-Namibia ngemuva kwalokho sithunyelwa kuNgqongqoshe sisuka kuMnyango nencwadi yokwazisa i-NPA,” kusho lesi sikhulu. 

Abase-Namibia bathi isicelo sabo semukelwa i-NPA kodwa yathi ayizange isibone isicelo esivela e-Namibia.

Ihhovisi lomhloli jikelele wase-Namibia ngoLwesine lithe ngempela basenza isicelo sokuthola usizo lwezomthetho.

“Kukhishwe incwadi kwafakwa isicelo kuNgqongqoshe wezobulungiswa wakuleli ukuze kuqinisekiswe ukuthi leli cala libhalisiwe yini kuleli,” kusho isitatimende.

Ayikho impendulo evela kwelakuleli esho ukuthi umsolwa oqavile udedelwe ngebheyili wabuyiselwa imali.

Umthombo wesithombe: @AlJazeera

Scrolla World Cup Quiz