Arthur Greene
Indela yase-Thailand isebenzise umshini wokusika amakhanda ukuzinquma ikhanda lakhe njengomnikelo kuBuddha, ngenkolelo yokuthi uzophinde azalwe “njengomuntu ophakeme ngokomoya”.
UThammakorn Wangpreecha oneminyaka engama-68, ubesehlele ukwenza lo mkhuba iminyaka engaphezu kwemihlanu, kusho abalandeli bakhe.
UWangpreecha ubengumbhishobhi wesigodlo sase-Wat Phuhingong enyakatho ne-Thailand, lapho isidumbu sakhe sitholwe khona ngumshana wakhe, uBooncherd Boonrod, ekuqaleni kwenyanga.
Ngokubika kwe-Daily Mail, le ndela ibiziqondanise nesithombe ukuze ikhanda layo elisikiwe lizowela entendeni yesithombe sikaBuddha esibekwe ngaphansi komshini.
Ubekholelwa ukuthi ukunikela ikhanda lakhe kuBuddha kuzomlethela inhlanhla empilweni yakhe uma eseshonile futhi kumvumele ukuba azalwe kabusha “njengomuntu ophakeme,” inkolelo engokomoya yama-Buddha eyaziwa ngokuthi “ukwenza okuhle.”
UBoonrod utshele abezindaba bakule ndawo ukuthi ngaphansi kwalesi sithombe bekukhona isigaxa semabula lapho uWangpreecha echaza khona isizathu sokuzibulala kwakhe.
Ubhale encwadini wathe, “Ukunquma ikhanda lakhe bekuyindlela yakhe yokudumisa uBuddha.
“Isifiso sakhe bekungukunikela ngekhanda nomphefumulo wakhe ukuze iNkosi imsize azalwe kabusha abe yisidalwa somoya esiphakeme empilweni elandelayo.”
UWangpreecha ubesesebenze esigodlweni sezindela iminyaka eyi-11, futhi kubikwa ukuthi utshele abalandeli bakhe ukuthi uhlose ukushiya isigodlo – kodwa ubengatshelanga muntu ngenhloso yakhe yokuzinquma ikhanda.
Ngemuva kokutholwa kwesidumbu sakhe ngumshana wakhe, abalandeli bakaWanpreecha abangama-300 balungiselele imikhuba yomngcwabo wendela, okubikwa ukuthi ibandakanya ukubeka isidumbu sakhe ebhokisini nokufaka ikhanda lakhe esitsheni.
Amaphoyisa angenelele ngokuthatha ahambise isidumbu esibhedlela ukuze siyohlolwa ukuze kutholakale imbangela yokufa ngaphambi kokuba sibuyisele emndenini wakhe.
Isidumbu sakhe njengamanje sesibuyiselwe emndenini wakhe, omthwale wamyisa ehlathini lapho ashiswe khona.
Omunye wabalandeli bakhe, uYu, uthe “Ufeze inhloso yakhe futhi wahlangabezana nokukhanyiselwa.”
Iziphathimandla zenkolo yase-Thailand zixwayise ngokuthi ukuzibulala akuyona ingxenye yomkhuba wama-Buddha, futhi ukuzilimaza akumele kukhuthazwe.
Umthombo wesithombe: @_NOALCOMUNISMO