Indebe yebhola lombhoxo eyenzeka ngemuva kweminyaka emibili ithathwa njengombono ophusile

Dylan Bettencourt

Indebe yomhlaba yebhola lombhoxo eyenzeka njalo ngemuva kweminyaka emibili isike yacatshangwa phambilini futhi basakhuluma ngayo.

U-Alan Gilpin ongumphathi webhola lombhoxo, ubize lo mbono wendebe yomhlaba eyenzeka njalo ngemuva kweminyaka emibili njengento enohlonze. Izinhlelo kungenzeka zibandakanye ukuthi sinyuse ithonamenti kube namaqembu angama-24 siphinde sifake nekhadi eliwumbala we-olintshi.

UGilpin, nosihlalo wendebe yomhlaba uBill Beaumont kanye nomqondisi wase-France wangowezi-2023 ujenene uClaude Atcher bahlangane kuleli sonto ukudingida ezinye zezinto ezenzeka kwindebe yomhlaba njengokunciphisa isikhathi phakathi kwendebe yomhlaba.

“Kubukeka njengombono onohlonze, ikakhulukazi uma ucabanga ngokuthuthuka komhlaba wonke ngisho kwimidlalo yabesifazane,” kusho uGilpin kwingxoxo yakhe ne-Telegraph.

UGilpin, uthe yize kunjalo, ukuvuma ukunciphisa isikhathi kumathonamenti kuzofakela inselela enkulu njengoba ikhalenda labesilisa selihleliwe, futhi amathonamenti ambalwa aseqalile kulo nyaka.

UGilpin uthe ukunweba indebe yomhlaba ukuze kube namaqembu angama-24 angeke kwandise isikhathi samathonamenti. Uthe lokhu cishe kuzobe kuqonde ukuthi kunama-pools ayisithupha kumaqembu amane, okungeke kuthathe isikhathi esiningi.

Olunye ushintsho olukhulu ukwethula ikhadi elingumbala we-wolintshi elizosetshenziswa uma kunengozi embi okudlula ukunikezwa kwekhadi eliphuzi, kodwa kungabi kubi kangako kuze kukhishwe ikhadi elibomvu. 

I-championship yebhola lombhoxo isusa umthetho othi umdlali uma ethole ikhadi elibomvu angakwazi ukushintshwa ngemuva kwemizuzu engama-20.

Ibhola nalo selicabanga ukwehlisa isikhathi phakathi kwethonamenti ne-FIFA, njengoba isigungu sebhola sibheka izindlela zamathuba emicimbi eyenzeka yonke iminyaka.

Umbono wendebe yomhlaba eyenzeka ngemuva kweminyaka emibili uholwa yilowo owayengumphathi weqembu le-Arsenal u-Arsene Wenger, osephethe ukuthuthukiswa kwebhola lomhlaba jikelele kwi-FIFA.

Umthombo wesithombe: @LastWordOnSports

Izihloko zakamuva