U-McDonald ose-Kentucky uhlawulisiwe ngokuvumela izingane ezimbili ezineminyaka eyishumi ukuthi zisebenze ngaphandle kokukhokhelwa futhi ngezinye izikhathi kuze kube ngamahora asekuseni.
Izingane beziqashwe i-Bauer Food LLC, okuyinkampani ese-Louisville enezindawo eziyishumi zokudlela zakwa-McDonald.
UMnyango Wezabasebenzi waseMelika uthe izingane bezilungisa futhi zikhipha ama-oda okudla, zihlanze indawo yokudlela, zisebenze ewindini, futhi zisebenzise irejista.
Abaphenyi baphinde bathola ukuthi enye yezingane ezineminyaka eyishumi ubudala ize isebenzise ne-deep fryer okuwumsebenzi ongavunyelwe ukuthi wenziwe umuntu ongaphansi kweminyaka engu-16 ubudala”, ngokusho koMnyango.
Umnikazi webhizinisi uthe izingane bezivakashela abazali bazo abasebenza njengabaphathi basebusuku, nokuthi umsebenzi wabo awuzange ugunyazwe abaphathi noma ubuholi bebhizinisi.
I-Bauer Food ihlawuliswe u-$39,711 (R700,000) ngokwephula imithetho yokuqashwa kwezingane. Ngaphezu kwalokho, uMnyango Wezabasebenzi uthole ukuthi i-Bauer Food ivumela ezingane ezingu-22 ezingaphansi kweminyaka engu-16 ukuthi zisebenze amahora angaphezu kwavunyelwe ngokomthetho.
“Le mibiko ayamukelekile, ikhathaza kakhulu futhi iphambene nalokho esikulindele kulo lonke uhlobo lwamabhizinisi akwa-McDonald,” kusho uTiffanie Boyd iPhimi likaMengameli omkhulu kanye nesikhulu esiphezulu sabantu bakwa-McDonald eMelika, kubika i-Insider.
“Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi abanikazi bama-franchise banezinsiza abazidingayo ukukhuthaza izindawo zokusebenza eziphephile zabo bonke abasebenzi kanye nokugcina ukuthobela yonke imithetho yezabasebenzi.”
Khonamanjalo, uMnyango Wezabasebenzi ubona ukwanda kokwephulwa kwemithetho yokuqashwa kwezingane. Kwesinye isigameko, isisebenzi sakwa-McDonald esineminyaka engu-15 e-Morristown sishiswe uwoyela ngesikhathi sisebenzisa i-deep fryer.
“Ukulimala kwengane emsebenzini kuyingozi kakhulu” kusho uKaren Garnett-Civils umqondisi wesifunda wophiko lwe-wage and hour e-Louisville, e-Kentucky.
“Imithetho yokuqashwa kwezingane ikhona ukuqinisekisa ukuthi uma abantu abasha besebenza, umsebenzi awubeki engcupheni impilo, inhlalakahle noma imfundo yabo.
Luhlanganiswe intatheli yakwa-Scrolla
Isithombe esingenha: I-McDonald’s