Indawo yokudlela e-Nigeria ibukeka njengengaphakathi lendiza

Airplane-themed-restaurant

Abathandi bokudla base-Nigeria sebengenza sengathi bandiza ngebhanoyi kanti lutho basephansi nje.

I-Urban Air, indawo yokudlela ese-Abuja, iguqulwe yabukeka sengathi ingaphakathi lendiza.

Kuhlotshiswe ngesibhakabhaka esiluhlaza, amafu amhlophe emafasiteleni kanye nemenyu yokudla kwendiza.

Ukudla kwenziwa “egumbini elikhethekile” ebese kulethwa kubathandi bokudla abasuke behleli bebophe amabhande ezihlalo.

E-Nigeria bamisa izindiza ezihambela umhlaba wonke noma amanye amazwe ngoNdasa, yize izindiza ezihambela izindawo zase-Nigeria sezivuliwe futhi ziyasebenza.

Abantu base-Nigeria abathanda ukugibela amabhanoyi bajabule kakhulu ngalokhu okwenziwe yi-Urban Air.

Sithemba ukuthi ukudla kwakhona kungcono futhi kumnandi kunokudla okuningi okudliwa kwizindiza.