Indawo yokudla ethandwa onontandakubukwa 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Kukhona indawo yokudla okumnandi eseGoli ebizwa nge-Yeoville Dinner Club.

Isungulwe nguSan “Sanza” Sandile, le ndawo yesidlo sasebusuku inendawo yokunethezeka negumbi  lokudlela, kufika izivakasha eziqhamuka ezindaweni ezihlukene zizohlanganyela ukudla okuphekwe umpheki ngokwakhe uSanele.

Le ndawo eyasungulwa ngo-2016, njengendawo yesidlo sasebusuku isingatha abagqugquzeli, abaculi nosaziwayo, kanti isike yasingatha u-Antony Bourdain ongasekho, intatheli ye-CNN ebhala ngokudla nempilo yobumnandi kanye nosomahlaya odumile waphesheya uDave Chappelle.

USanele uchaze wathi “I-dinner club iyindawo yabangani, futhi iyindawo yokuhlangana nezinhlobo ezahlukene zabantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila.

“Yakhiwe yancane ngenhloso. Siphakela abantu abangaba ngu-18 etafuleni elilodwa lesidlo sasebusuku, ukuze bakwazi ukukhuluma futhi bacobelelane imibono nemicabango.”

Inhloso yakhe yokuvula i-dinner club ukufundisa abantu ngomlando namasiko ase-Yeoville, abantu abahlala khona kanye namathonya okupheka.

Omunye wabaxhasi bayo uValerie Makoala uchaza “lokhu kudla njengokudla okumangalisayo. Umnikazi unentshisekelo enkulu futhi uba nesineke ngakho konke kanjalo nomlando asicobelela ngawo. 

“Uhlanganisa wonke umuntu ngesikhathi kudliwa, futhi ukuphakele yena ukudla aphinde axoxe namahlaya kube mnandi  uzizwe usekhaya. Ngikujabulele kakhulu ukudla kwakhe.

Lokhu kudla kuhlanganisa ukudla kwendabuko kwase-Afrika kanye ne-vegan.

“Sipheka izinhlobo eziningi zokudla kwase-Afrika okuhlanganisa inhlanzi eyosiwe, Usu, amadombolo, ikhanda lembuzi, izinhlobonhlobo zama-dessert, iwayini lethu le-palm wine elenziwe ekhaya futhi sinokudla kwama-vegan,” kusho uSanele.

Izidlo zasebusuku zenziwa masonto onke endaweni ahlala kuyo e-Yeoville eGoli.

Isithombe esingenhla: Esinye sesidlo sasebusuku esiphethwe uSanza

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva