Celani Sikhakhane
Idamu elikhulukazi lakwa-Eskom libe nomthelela ezikhukhuleni ezicekele phansi inkaba yedolobha endaweni yaseMnambithi ngeSonto.
Imvula iqale ngoLwesithathu ngesonto eledlule kodwa ibe namandla kakhulu ngeSonto yagcina iqhumise idamu i-Klipriver. Ukugeleza okunamandla kwamanzi kwehle kusuka edamini Ingula kwanqamula idamu phakathi.
Idamu Ingula, elaziwa nangokuthi Ingula Pumped Storage Scheme, liphethwe yinkampani ephakela ugesi.
Idamu elibhodlokile liholele ekutheni kube nezikhukhula ezinamandla eMnambithi. Abafuna umsebenzi nabathengisi abahlala kulezi zindawo okwesikhashana kudingeke ukuthi babaleke enkabeni yedolobha njengoba izakhiwo zabo ziye zagcwala amanzi ngokushesha.
NgoMsombuluko, abantu baphoqeleke ukuthi basebenzise izikebhe ezincane ukuze bathole izinsiza ezibalulekile nezinto ezidingekayo, njengokudla okuvela ezitolo ezingathintekanga endaweni ephakeme yedolobha.
UBongeka Ntuli utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bekumele abuyele eThekwini ngoMsombuluko.
“Angisahambi ngoba ayikho indlela engingaphuma ngayo edolobheni ngoba namatekisi awasebenzi nezitolo zigcwele amanzi, ngizolinda amanzi eze ehle,” kusho uNtuli.
IMeya kaMasipala i-Alfred Duma, uMnu Zamokuhle Sibisi, uthe babalelwa ku-80 abantu abakhishiwe bayiswa endaweni ephephile.
“Sixoxe neziphathimandla zakwa-Eskom ngalolu daba bathembisa ukubambisana nathi. Okwamanje bathe lesi sigameko singaphezu kwamandla abo ngenxa yemvula enamandla futhi Ingula ibivele igcwele kakhulu,” kusho uSibisi.
Muva nje lezi zimvula ezinamandla zihlasele izindawo eziningi eKZN, okubalwa uMsinga, uMngeni, iTheku, uMgungundlovu, eNdwedwe, uMkhanyakude phakathi kwezinye.