Elmon Tshikhudo
Imvelo inendlela yayo yokunakekela umphakathi.
Abantu base-Siloam ngaphandle kwase-Nzhelele yibona ababusisiwe kakhulu endaweni yase-Vhembe, futhi bayakholwa.
Umphakathi ompofu, lapho khona ukungasebenzi kuyinto ejwayelekile, kuphinde kube yilapho okungamele uzihluphe ngokugeza ngamanzi ashisayo.
Kunezindawo ezimbili ezinomthombo oshisayo esokuqala sitholakala e-Tshiduduni kanye nase-Hamathlarini lezindawo ziphinde zisize kakhulu labo abangakwazi ukuba nogesi.
Abahlali basebenzisa umthombo ukuba namanzi endlini baphinde bakhe awokugeza bese bewasebenzisa ukuchutha izinkukhu.
URobert Ramuageli oqhamuka endlini yasebukhosini uthe kade waba khona umthombo futhi uzobe usakhona nakwisizukulwane esizayo.
“Ngikhulele lapha ngisemncane besisebenzisa lo mthombo, sizibona sibusisiwe ngemvelo”.
“Njengoba umthombo okumhlaba womunye umuntu sathatha isinqumo sokufaka ipayipi ukuze singaphazamisi umndeni ophethe leyo ndawo. Wonke umuntu uyakwazi ukuthola amanzi ashisayo engaphandle kwegceke” kusho uRobert.
URamuageli uphinde wachaza ukuthi bayawathemba lamanzi futhi bakholelwa ukuthi ayawulapha umkhuhlane.
“Sijwayele ukuthi umuntu akafake ikhanda lakhe kulamanzi ashisayi izinsuku ezintathu ngemuva kwalokho umkhuhlane uyaphela. Okhokho bethu bebesebenzisa wona lo mthombo nathi siyaqhubeka siyahlomula kuwo”, kusho uRamuageli.
UMashudu Mudau ungomunye wabahlali abangama-500 abahlomulayo kulo mthombo.
“Njengoba sithola amanzi ashisayo siyonga kakhulu siphinde songe nogesi omncane esinawo, siphinde sipheke ngawo. Sibusisiwe kakhulu ukuhlala eduze nomthombo oshisayo” kusho uMashudu.
Ngowezi-2010 iNyuvesi yase-Fort Hare yenza ucwaningo yathola ukuthi ukushisa kwamanzi kwenza ukuthi kushise kakhulu entwasahlobo yaseNingizimu-Afrika.