Indawo yase-Bree street ibhekene nengwadla yokuvalwa kwamabhizinisi

Lubhalwe nguPalesa Matlala noSelloane Ntshoyane

Amabhizinisi ayavalwa, ubugebengu buyadlondlobala njengoba kuthatha isikhathi ukulungisa le ndawo.

IDolobha lichitha izigidi ukuthi kulungiswe kodwa umgwaqo usamnyama futhi ungcole kakhulu.

Indawo eyayiphithizela kakhulu eGoli isiphenduke indawo engeyinhle nesabisayo ngemuva kokuqhuma kwegesi ngaphansi eminyakeni emibili edlule.

Umngwaqo uLillian Ngoyi owawaziwa nge-Bree street usasabisa namanje yize idolobha labeka eceleni u-192 million ukuthi ulungiswe.

Amabhizinisi athwala kanzima, izitolo ziyavalwa kanti nobugebengu bukhula mihla namalanga.

Ukuqhuma kwegesi ngonyaka ka-2023 kwabulala umuntu oyedwa kwalimaza abantu abangu-40.

Ukulimala kwalendawo kwaphoqa amabhizinisi amaningi ukuthi avalwe amanye avulwe kwenye indawo.

Ngo-2024, uMasipala waseGoli wamemezela ukuthi ubeke eceleni cishe u-R192 million wokubuyisela le ndawo esimeni.

Kodwa kuze kube manje, inkampani ethole ithenda, i-Step-Up, ikhokhelwe kuphela u-R2 million.

Kamuva, i-Johannesburg Roads Agency (JRA) yahoxisa leyo thenda ngenxa yokungawenzi umsebenzi ngendlela efanele.

Lokhu kwakufaka phakathi ukususa izinsalela zemfucuza, ukulungisa ugesi kanye namapayipi endle.

Kodwa le ndawo isamnyama futhi imbozwe imfucuza, kanti imvula eqhubekayo iphazamisa izinhlelo zokuyilungisa.

Sesiqalile isigaba sokuqala sokulungiswa, kodwa abanikazi bamabhizinisi bathi sekwephuzile, futhi akwanele.

UIbrahim Moosa, oneminyaka engu-40, uphethe isitolo sokulungisa omakhalekhukhwini, kodwa waphoqeleka ukuvala izinyanga eziyisithupha ngemuva kwenhlekelele.

“Angisakwazi ukukhokha irenti, kwadingeka ngiyosebenzela omunye umuntu ngihlanganisa imali,” esho.

Ubuyile esitolo sakhe ekupheleni kuka-2024 enethemba lokusimama, kodwa izinto azizange zithuthuke.

“Kukhona izitolo cishe ezingu-200 lapha. Ezinye zivuliwe, ezinye zivaliwe. Asazi ukuthi le ndawo izolungiswa nini sekudlule isikhathi eside,” kusho uMoosa.

U-Orbed Masii, oneminyaka engu-28, ongumthengisi emgwaqeni uthe ukuqhuma kwaxosha abantu, kwashiya umgwaqo usengozini futhi ungcolile.

“Abantu bayesaba ukuhamba lapha lana iseGoli inkunzi iyabanjwa. Awukwazi nokubona kahle ukuthi kwenzekani ngakolunye uhlangothi lomgwaqo,” esho.

UMasii uthe abasazi ukuthi ikhansela labo lesigceme ufunani, ngoba abakaze bamuzwe ekhulumela umphakathi.

“Lo mgwaqo uyinhlekelela. Abantu baphonsa izibi noma yikuphi, futhi bayachama emakhoneni. Amabhizinisi avaliwe,” kusho uMasii.

Ukhomishana uNobuhle Mthembu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isigaba sokuqala sokulungisa kufanele siphele ngoNcwaba ka-2025 uma imvula ingaphazamisi izinto. Isigaba sesibili sihlelelwe uNcwaba ka-2026.

“Abantu abajabulile. Le nhlekelele yenzeka ngo-2023, kodwa abantu basahlupheka,” kusho uMthembu.

Uthe amakhansela asevakashe kaningi lapho futhi abajabule ngabakubonayo.

“Abantu banesizathu esizwakalayo sokukhononda. Lokhu kuthinta impilo yabo, kanti amabhizinisi ayayishiya le ndawo.”

Esithombeni esingenhla: Umgwaqo uvaliwe ngenxa yokuqhuma kwegesi eminyakeni emibili edlule

Umthombo wesithombe: Selloana Ntshoyane

Izihloko zakamuva