Indawo entsha yokudlela e-Russia

Arthur Greene

Isiphelile indaba yokuthi abantu bahalele i-Big Mac yase-McDonald’s njengoba kule mpelasonto abantu base-Moscow bezobe bephithizela befuna ukuzwa ukudla kwendawo entsha engenele u-McDonald ebizwa nge-Vkusno & tochka. 

Amabhizinisi amaningi aseNtshonalanga kanye no-McDonald amisa ukusebenza kwawo e-Russia ngemuva nje kokuthi uMengameli uVladimir Putin eqale ukuhlasela nokuchitha igazi e-Ukraine ngoNhlolanja.

I-McDonald’s Corporation yamemezela ukuthi izodayisa wonke amagatsha ayo angu-850. Lezi zindawo zithathwe ngusomabhizinisi wase-Russia u-Alexander Govor ovule izitolo ezingu-15 zokuqala ezibizwa nge-Vkusno & tochka e-Moscow ngeSonto.

“The name changes, the love remains,”sifundeka kanjalo isiqubulo sendawo yokudlela entsha.

Noma ilogo negama kuhlukile, kodwa indawo yokudlela nezinto ezidayiswayo kubukeka kufana kakhulu. Esikhundleni se-Fillet ‘o’ Fish, abathengi bangadla ufishi nebhega. Esikhundleni se-Royal Burger kukhona i-Grand.

Abaphathi bendawo yokudlela bakhulume iqiniso ngalokhu.

“Inhloso yethu ukuthi izivakashi zethu zingawuboni umehluko ngekhwalithi,” kusho u-Oleg Paroev isikhulu esiphezulu sale ndawo yokudlela.

UGovor uchaze kabanzi wathi, “Asinalo ilungelo lokusebenzisa eminye yemibala, asinalo ilungelo lokusho igama lika-McDonald,” etshela abezindaba.

Umzamo esiwenzile wokuvula le ndawo yokudlela ukhombisa ukwanda kwamasiko okuhlukaniswa kwe-Russia naseNtshonalanga.

Ngesikhathi u-McDonald uqale ukuvulwa e-Russia eminyakeni engaphezu kwengu-30 edlule kwaba umzuzu oyingqopha-mlando. Impi yomshoshaphansi phakathi kwe-Russia neMelika yayisanda kuphela, kwamemezelwa usiko lwaseMelika e-Russia.

Ukuphuma kwe-McDonald kanye nokungena kwe-Vkusno & tochka kubonisa isikhathi esisha sokuhlukaniswa phakathi kwezitolo ezimbili zokudla. 

Izihloko zakamuva