Indali yempahla eyaphangwa ngezibhelu

Everson Luhanga

Izimpahla ezaphangwa ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi nyakenye zifakwe endalini e-Alexandra ngoLwesibili.

Isiteshi samaphoyisa esidala sase-Alexandra besifana nenkundla yemigubho, abantu bemi ulayini esangweni elikhulu kusukela ngo-7 ekuseni njengoba bebelinde ngesasasa ukuthi amasango avulwe ngo-10.

Izimpahla ebezithathwa kakhulu bekuyifenisha ebizayo kanye namabhayisikili nenqwaba yezinto zokwakha.

Bekukhona nezinto ezifana nemishini yokuhlanza izingubo, ama-laptop, amawashi abizayo nokunye okuningi.

Lezi zimpahla zaphangwe ezitolo ezahlukene kanti zatholwa ngamaphoyisa. Cishe sekuphele unyaka lezi zinto zigciniwe emva kokulandwa amaphoyisa emphakathini.

Abaningi abebethenga izinto bekungamaphoyisa. Amanye amaphoyisa afike egqoke umfaniswano kodwa iningi labo bebegqoke nje izingubo zabo njengoba bebejabulela lo mcimbi.

Ngesikhathi amasango evulwa kube sekuchazelwa ababefuna ukuthenga ngemithetho yale ndali.

Abathengi bebecintisana, bekubizwa labo abanenani eliphezulu, futhi bebekhokha ngaphambi kokuthatha abakuthengile.

Kodwa bekukhona indoda eyodwa, u-Ishmael Acosta, obengazelanga ukuzobhida.

U-Acosta wase-Portugul onebhizinisi e-Pan Africa Mall, uthe uye endalini ukuyobheka ukuthi impahla yakhe eyebiwe ayikho yini phakathi kwezinto ezidayiswayo.

“Sengineminyaka engaphezu kweyisishiyagalombili ngenza ibhizinisi lefenisha kule ndawo. Sahlaselwa umvalelo ngesikhathi abantu abaningi bengasebenzi.

“Kwenza ibhizinisi lahamba kancane njengoba ifenisha ingesona isidingo esikhulu kubantu. Kodwa ibhizinisi lami lasinda laze laqala ukusebenza kabusha,” usho kanje.

“Kodwa-ke, kuye kwaphangwa futhi isitolo sami singesinye seziningi ezagqekezwa zashiswa.”

Uthe ukuphanga kwamkhipha ebhizinisini wangabe esakwazi ukubuya. “Ngalahlekelwe yikho konke. Inhliziyo yami yaphuka.”

I-Alexandra ingelinye lamalokishi athinteka kakhulu eGoli ngesikhathi sezibhelu, njengoba abaphangi bacekela phansi futhi bashisa izitolo.

Scrolla World Cup Quiz