Indaba eyisimanga yesidumbu esilahlekile

Karabo Rammutla

Ngesikhathi isidumbu sikaGontse Raseale sitholwa ngemuva kokuduka nyakenye umndeni wakhe wawujabulela ukuthi ekugcineni uzothola ukuthula.

Bahlela ukumenzela umngcwabo ohloniphekile – kodwa ngemuva konyaka owesilisa wase-Mathibestad e-North West akakangcwatshwa.

Umfowabo uThabo Raseale uthe ngemuva kokubikelwa ngamaphoyisa ngokutholwa kwesidumbu sikamfowabo waya emakhazeni kahulumeni e-Rustenburg waqinisekisa ukuthi ngempela isidumbu ngesikamfowabo (37).

URaseale uthe izikhulu zamtshela ukuthi abuyele ekhaya ayokwenza amalungiselelo omngcwabo.

Isidumbu sikamfowabo sagcina ukubonakala ngaleso sikhathi.

Uthe izitokofela kanye nenhlangano yabo yabangcwabi babanikeza imali futhi umndeni wathenga ukudla walungiselela ukungcwatshwa kukaGontse.

“Kodwa ngemuva kwamasonto amabili kwadingeka ukuthi sivimbe ababezosisingatha ngoba isidumbu besingakadedelwa,” esho.

URaseale uthe batshelwa ukuthi isidumbu silahlekile emakhazeni kahulumeni e-North West.

“Izikhulu zifike zathi kunezidumbu ezine ezatholwa endaweni yakwa-Mogwase kanti esisodwa kulezo bekungesikamfowethu bathi manje kufanele senze ulibofuzo. Amasampula athathwa kumama kodwa namanje asiyazi imiphumela,” esho.

“Satshelwa ukuthi kungenzeka ukuthi umama udle upelepele ngakho ngeke bekwazi ukuthatha ulibofuzo lwakhe. Baphinde babuya bathatha amasampula olibofuzo, kulokhu kumama kanye nakudadewethu,” esho.

Uthe uyazi ukuthi isidumbu asibonile ngesikamfowabo.

“Ngangimnike indandatho ayeyigqokile kanti wayegqoke igilavu ayithola kumfowethu omdala futhi wayephethe ne-toolkit yakhe ngoba wayenza imisebenzi kagesi,” esho.

Uthe izikhulu azixhumani nomndeni ngokuthi imiphumela ihamba kanjani.

“Basitshela ukuthi balanda izidumbu ngoNhlaba nyakenye, sekuphele unyaka manje. Ukuze sithole izimpendulo sithembele kumngani kadadewethu osebenzela uhulumeni njengoba amaphoyisa engasazibambi izingcingo zethu,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-North West uTebogo Lekgethwane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bayalwazi udaba lukaRaseale futhi abaphathi besifunda baveze ukuthi baphezu kwalo.

“Isifundazwe silindele umbiko ogcwele bese silandela isifunda ukuze kubhekwe inqubekelaphambili.”

Uthe bayazi nangesikhathi amakhaza ase-Rustenburg ayengasebenzi khona kwadingeka ukuthi izidumbu ziyiswe emakhazeni ase-Brits.

Izihloko zakamuva