Indaba engakholakali kaYusra Mardini kanye neqembu lakhe lababaleki

Dylan Bettencourt

Ukubhekana nengcindezi yama-Olimpiki akuyona inkinga enkulu kuJusra Madrini.

Lo wesifazane wabaleka empini yase-Syria ngokuchitha amahora amathathu ebhukuda olwandle oluvulekile, eshayela isikebhe sakhe esicwilayo ezama ukusindisa izimpilo zabo bonke abagibeli. Wabe esesuka e-Greece waya eJalimane ngezinyawo.

Lo mdlali oneminyaka engama-23 ubudala, ubonakale okokuqala kuma-Olimpiki e-Rio ngowezi-2016 wabuya emidlalweni yalo nyaka eyilungu lamalungu ayi-19 eQembu Lababaleki. Laba basubathi bakhethwa kubabaleki abasekelwa yi-International Olympic Committee (IOC).

UMadrini uphume endaweni yokugcina ngesikhathi bebhukuda u-100m, kodwa usaqhubeka nokuphupha: “Angenzanga kahle, kodwa ngicabanga ukuthi kuzo zonke izimo bekulungile. Ngicabanga ukuthi inhloso yami elandelayo ukubhukuda ku-World Championship ekupheleni konyaka.”

UMadrini uthe umuntu ngamunye eqenjini lakhe unendaba yakhe ehlukile angayixoxa futhi yize bebhekene nobunzima ezimpilweni zabo bonke bayaqhubeka nokusebenzela iphupho labo.

“Siyiqembu elikhethekile ngoba siphethe umyalezo wethemba lokuthi ungadlula kunoma yibuphi ubunzima, kodwa uyaqhubekela phambili,” esho.

Umthombo wesithombe: @Vogue

Izihloko zakamuva