Incwadi Yezingane yokubhekana nokungabi nabulungiswa kwezenhlalo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

  • UMakwena Manamela uhumushele incwadi yakhe yezingane ethi Tiseke ezilimini ezihlukene kanye nolwe-Braille ukuze asize izingane ziqonde izindaba zomphakathi.
  • Le ncwadi ikhuluma ngobuwena, ukucwaswa kwabokufika kanye nokwamukelwa ngodaba lwentombazane esencane efuna ukuba yintatheli.

Ukusiza izingane ziqonde izindaba ezibalulekile zomphakathi futhi zizenze zifunde okwengeziwe, isishoshovu samalungelo omphakathi kanye nombhali uMakwena Manamela uhumushe incwadi yakhe ethi Tiseke olimini lwesi-Pedi, isi-Tshivenda kanye nolwe-Braille.

Le nganekwane, eyashicilelwa okokuqala eminyakeni emibili edlule ikhuluma ngentombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala enabazali abavela eNingizimu Afrika nase-Zimbabwe.

Intombazanyana iphupha ngokuba yintatheli, futhi uhambo lwayo lusiza abafundi baqonde ukubaluleka kokwamukelwa nokuqondwa.

Le ncwadi futhi ihlose ukufundisa izingane ngemizabalazo yase-Afrika yezenhlalo nepolitiki.

UManamela uthe le ncwadi iyingxenye yemizamo yakhe yokuxhasa imfundo esemazingeni aphansi yasezinkulisa kuleli.

“Yabhalwa kulandela impi yamagama enkundleni yezokuxhumana u-X phakathi kwabantu base-Zimbabwe nabaseNingizimu Afrika.

“Ibhekana nezindaba ezithinta ukucwasa njengokucwaswa kwabokufika kanye nokusaba sakuxwaya abanye abantu abangama Afrika okunomthelela omubi ezinganeni zase-Afrika,” esho.

Uthe kubalulekile ukuthi izingane zinikezwe ithuba lokufinyelela ezincwadini ezifanele, hhayi okuqukethwe yi intanethi kuphela.

“Izingane zethu zinenkinga yokufunda nokubhala, ngale ncwadi ngizimisele ngokufaka isandla kwimfundo eyisiqalo esemazingeni aphansi ezinkulisa eNingizimu Afrika

“Ngiphinde ngibe nesandla ekutheni izingane zikwazi ukufinyelela kokuqukethwe okuphusile okubhekana nezinkinga zomphakathi njengokucwaswa.

“Izingane zase-Afrika zifanelwe ukuzazi ukuthi zingobani ngokusebenzisa lokho engikubiza ngokuthi ‘iqiniso eliqanjiwe’ njengoba umlando ubalulekile ekuxazululeni izinkinga zokuzazi,” esho.

Osesithombeni esingenhla: UMakwena Manamela

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva