INCWADI EVELA E-ANGOLA: Lesi sithombe yisona kuphela lo mama akhumbula ngaso ingane yakhe

Sousa Jamba

Ngonyaka odlule, ngangishayela edolobhaneni elise-Chiumbo, maphakathi ne-Angola lapho engabona khona owesifazane eseceleni komgwaqo nengane yakhe. Umama ngokusobala wayeziqhenya ngomfana wakhe oyisidlakela.

Ngama ngabuza ukuthi ngingamthwebula yini nengane yakhe. Owesifazane waqala wangabaza; vele abantu basemakhaya ababathembi kakhulu abantu bangaphandle – njengoba bevame ukuza nezinhloso ezifihliwe.

Ngatshela lo wesifazane obizwa ngoNavinho, ukuthi ngingubani wabe esekhululeka.

Ngemuva konyaka ngiphinde ngashayela edolobhaneni elifanayo, ngabe sengibona owesifazane egijima ngemuva kwami engikhomba ukuthi angime. Ngivele ngamkhumbula owesifazane ngaso leso sikhathi futhi ngabuza ingane yakhe.

Uvele wabheka phansi wathi umfana ushonile. Ube esengibuza ukuthi ngabe ngisenaso yini isithombe sakhe nomfana wakhe ngoba iyona kuphela into azomkhumbula ngayo. Ngizwe ubuhlungu obukhulu; Sengibone imingcwabo eminingi kakhulu lapha nemindeni ethwele amabhokisi amancane.

Ngokwe-United Nations Children’s Fund (UNICEF), i-Angola inezinga lokufa kwezingane elibi kunawo wonke emhlabeni: ziyi-157 kwabayi-1 000 izingane ezishona ngaphambi kosuku lwabo lokuzalwa lwesihlanu. Ngaphakathi e-Angola, iningi labantu liphila impilo ngaphandle kokubona udokotela.

Izihloko zakamuva