Umfundisi wase-Maritzburg uvalelwe ejele ngezinsolo zokugenca abulale owesifazane nezingane ezimbili ngocelemba.
Lona wesifazane, uThule Sibiya oneminyaka engama-46 uthathe abazukulu bakhe ababili uNomcebo oneminyaka eyisishiyagalombili noAsemahle oneminyaka emine ukuyolala kubo kamfundisi oneminyaka engama-73. Kubukeka sengathi laba bobabili bebethandana. Akukacaci okwamanje ukuthi yini eyaholela ekutheni lo mfundisi ababulale bonke.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi lo mfundisi utholakale engaphansi kophuzo oludakayo.
Le nhlekelele yenzeka ngesikhathi izwe lisagubha izinsuku eziyi-16 zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Isihlobo sikaThule uLindani Zuma oneminyaka engama-32 uthe bebengazi ukuthi laba bobabili bayathandana.
“UThule wayethandana nowesilisa owaziwa ngumndeni. Bekungokokuqala sizwa ukuthi ubethandana nomsolwa,” uyasho.
“Sithole ucingo ngehora lesibili ekuseni lokuthi siphuthume ekhaya likamfundisi. Ngesikhathi ngifika uNomcebo wayesaphefumula ngakho ngamphuthumisa esibhedlela kodwa ngokuhamba kwesikhathi washona ngenxa yamanxeba amabi,” uyasho.
ULindani uthe basebumnyameni futhi akekho owaziyo ukuthi kwenzakaleni ngempela ngalobo busuku benhlekelele.
“Siyethemba ukuthi uma icala liya enkantolo sizokwazi ukuthola izimpendulo,” uyasho.
IPhini leMeya kaMasipala wase-Richmond uKhonziwe Mkhize uthe abantu abenza la macala amabi kumele bathathelwe izinyathelo ezinqala ukuze bathumele umyalezo wokuthi ukuphathwa kabi kwabantu besifazane nezingane akunandawo emphakathini wethu.
Okhulumela amaphoyisa e-KZN uKaputeni uNqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amacala okubulala aphenywa ngamaphoyisa ase-Thornville.
Umsolwa uvele kafushane enkantolo yemantshi yase-Maritzburg ngoLwesibili kanti icala lahlehliselwa kumhla zingama-21 kuMasingana ukuze kuqhutshekwe nophenyo.