INasa imemezele uhlelo lokuthumela abantu emkhathini 

Ngemuva kwegebe leminyaka engu-50, inkampani yasemkhathini eMelika i-Nasa izothumela ithimba elisha lama-astronauts enyangeni.

UChristina Koch uzoba kwithimba losonkanyezi njengowesifazane okokuqala ngqa njengoba bezothunyelwa enyangeni, kanti uVictor Glover uzobe engumuntu wokuqala omnyama ozoba kwithimba losonkanyezi.

Bazojoyina uReid Wiseman noJeremy Hansen ohambweni ngonyaka ozayo noma ekuqaleni kuka-2025.

Nakuba ithimba losonkanyezi lingeke lihlale enyangeni, kodwa umgomo wabo ukuqinisekisa ukuthi ithimba elilandelayo lizokwazi ukukwenza lokho. 

Lezi zakhamuzi ezintathu zaseMelika kanye noyedwa wase-Canada bethulwe emphakathini emcimbini obuse-Texas kuleli sonto.

Leli thimba labantu abane lizoqeqeshwa kanzima ukuze lilungiselele lo msebenzi.

Lonke uhambo lokuya enyangeni elenzeka eminyakeni edlule belihlanganisa abesilisa abamhlophe kuphela.

I-Nasa kudala ithembisa ukwanda kwezinguquko. Ekukhetheni umuntu wesifazane nomuntu onebala elihlukile kukhombisa zona izinguquko.

“Abasebenzi be-Artemis-2 bamele abantu abaningi abasebenza ngokuzikhandla ukusisondeza kwizinkanyezi. Leli ithimba labo futhi ithimba lethu liphinde libe ithimba lomhlaba wonke,” kusho umphathi we-Nasa uBill Nelson, kubika i-BBC.

Leli thimba lizophinda umsebenzi ka-1968 we-Apollo 8, wethimba lokuqala elafika enyangeni.

“Kudingeka sigubhe lesi sikhathi emlandweni wethu ngoba u-Artemis-2 ungaphezu kokuthunyelwa enyangeni nokubuyela emuva. Kuningi okwenziwayo ngaphambi kokuthi kuthunyelwe abantu emkhathini. Ohambeni olulandelayo sifisa bafike kwi-Mars,” kusho uVictor Glover emcimbini.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Ithimba elizothatha uhambo lokuya  emkhathini liyobona inyanga

Umthombo wesithombe: I-NASA

Izihloko zakamuva