INamibia iqede imithetho emelene nomphakathi we-LGBTQ

Lubhalwe nguRorisang Modiba

INkantolo eNkulu yase-Namibia ngoLwesihlanu ichithe imithetho emibili yenkathi yamakoloni egunyaza ukuthi kube yicala ukwenza izenzo zobulili obufanayo phakathi kwabesilisa, okuholele ekunqobeni okukhulu nokubalulekile emphakathini we-LGBTQ ezweni.

Lesi sinqumo size ngemuva kokuthi isishoshovu sase-Namibia uFriedel Dausab, esekelwa yi-NGO ezinze e-UK i-Human Dignity Trust, ephonsele inselelo le mithetho. 

UDausab uzwakalise ukujabula kwakhe, wathi lolu wusuku oluyisikhumbuzo e-Namibia, njengoba ukuthanda umuntu wobulili obufanayo ngeke kusaba yicala, kubika i-Reuters.

Nakuba ukugwetshwa ngaphansi kwale mithetho kwakungavamile kangako, kwaba nesandla ekubandlululweni komphakathi we-LGBTQ futhi kwafaka ukwesaba phakathi kwabesilisa abangongqingili. 

I-Namibia yazuza le mithetho ekutholeni inkululeko eNingizimu Afrika ngo-1990, nakuba izenzo zobulili obufanayo phakathi kwabesilisa zaqala ukuthathwa njengobugebengu ngaphansi kombuso wamakoloni. 

INingizimu Afrika yenze inqubekelaphambili ebonakalayo ngokuqeda ubandlululo ngezenzo zobulili obufanayo kanye nokunikeza amalungelo afana ne-adoption, ukushada, kanye nezinyunyana zomphakathi kwabashadile be-LGBTQ, kubika izindaba ze-SABC.

Ngakolunye uhlangothi, i-Uganda isanda kusebenzisa omunye wemithetho eqinile emhlabeni emelene ne-LGBTQ, ohlanganisa nesigwebo sentambo “sokuba ngungqingili.” Lesi sinyathelo sikaMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni sibhekane nokugxekwa kakhulu ngamazwe aseNtshonalanga nokungase kuholele ekutheni izwe lishaywe indiva ekutholeni usizo oluvela emazweni angaphandle. 

I-Uganda isebenzise imithetho eqinile emelene ne-LGBTQ, okuhlanganisa nesigwebo sentambo, yize ibhekene nokugxekwa emhlabeni jikelele.

E-Burundi, inkulumo kaMengameli u-Evariste Ndayishimiye eyindida ekhuthaza ukukhandwa ngamatshe kwabantu abangongqingili kulelo zwe iveze ukukhathazeka ngokwanda kwemizwa emelene ne-LGBTQ esifundeni saseMpumalanga ne-Afrika nangale kwayo.

Nakuba izitatimende zikaNdayishimiye zingenasisindo esingako ngokomthetho, kodwa zinesandla esimweni esinobutha obubhekene nabantu be-LGBTQ emazweni amaningi ase-Afrika lapho udlame, ukuhlukunyezwa, kanye nokucwaswa emphakathini kusalokhu kuyizinselele ezinkulu.

Esithombeni ngenhla: Abalandeli bamalungelo abantu abangongqingili ngaphandle kweNkantolo eNkulu yase-Nambia. 

Umthombo: Instagram/equalnambia

Izihloko zakamuva