Zukile Majova
Konke kukhomba ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa usethubeni lokuthi athathe ihlandla lesibili njengoMengameli we-ANC uma iqembu elibusayo selibambe ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.
Lokhu kuzomcabela indlela yokuba nguMengameli wezwe ihlandla lesibili.
Kungaba ukunqoba kwabathuthukayo kwezombusazwe, osomabhizinisi abakhulu kanye nezwe jikelele. Kodwa lokho ngeke kuze kube lula.
Indlela yakhe ihamba ngebatha ngenxa yezinhlaka ezingaphakathi kwi-ANC ezingamfuni.
Abantu abame endleleni kaRamaphosa uhlangothi obeluhamba nobenguMengameli wakuleli uMnu Jacob Zuma, olwaziwa ngeRadical Economoc Transformation (RET).
Yilona lolu hlangothi elisolwa ngokudala izibhelu zangoNtulikazi nyakenye ezaholela ekutheni kucekelwe phansi amabhizinisi okwabiza umnotho imali engu-R50 billion.
Ngokwezinga elithile kwezinye izifundazwe, amalungu e-RET asabhekele ukuqokwa kwezithunywa emagatsheni, ezingqungqutheleni zezifunda nasezingqungqutheleni zezifundazwe.
Zibalelwa ku-5 000 izithunywa ezilindelekile ezingqungqutheleni zikazwelonke kanti izithunywa zamagatsha zizoba ngu-90% wabazobe bekhona.
Uma uRamaphosa enganakile izingqungquthela zezifunda nezezifundazwe ezizoba ngenyanga ezayo, kungase kusetshenziswe uhlelo lokusungula ukuketulwa kwakhe engqungqutheleni yangoZibandlela.
KwaZulu-Natali amalungu e-RET amatasatasa nokuketula uNdunankulu uMnu Sihle Zikalala, ohambisana noRamaphosa ogxekwa ngokungaphathi kahle uhlelo lokugcotshwa kozongena esihlalweni sobukhosi bakaZulu.
Umbono kahulumeni wesifundazwe ophambene neSilo uMisuzulu KaZwelithini uholele ekutheni abavoti abangamaZulu bakhethe i-IFP esikhundleni se-ANC komasipala abaningi esifundazweni.
IKZN iphinde ibe yikhaya lesitha sikaRamaphosa, owayenguNgqongqoshe wezeMpilo, uZweli Mkhize, owasula ngaphambi nje kokuba axoshwe kwiKhabhinethi ngoba ethinteka ecaleni lethenda le-Digital Vibes lemali engu-R150 million.
UMkhize unamandla amakhulu kanye nomthelela eKZN, usebenze esifundazweni njengoNdunankulu, uNgqongqoshe wezeziMali kanye noNgqongqoshe wezeMpilo.
Usephumele obala emkhankasweni wokuba nguMengameli olandelayo we-ANC.
URamaphosa kumele aphinde ayiqaphe ngeso lokhozi i-Eastern Cape, okumele ibambe ingqungquthela yayo yesifundazwe ngomhlaka-22 kuya kumhlaka-24 kuMbasa.
Umdonsiswano wezepolitiki phakathi kukaNdunankulu u-Oscar Mabuyane noNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda uLubabalo Madikizela unamandla wokuhlakaza isifundazwe, nokuletha ukungazinzi ngaphakathi kwesizinda sikaRamaphosa.