
Dylan Bettencourt
Ukungena kuma-semi-final eNdebe Yomhlaba yabesifazane bekuhlezi kuyinto efiswa ama-Proteas ngaphambi komdlalo wabo ne-West Indies ngoLwesine.
Futhi bakwazile ukufinyelela kulokho ngesikhathi umdlalo uhoxiswa ngenxa yemvula enamandla. Womabili amaqembu athole iphuzu elilodwa ngalinye, lokho kunikeze ama-Proteas indawo kuma-semi final.
Umdlalo wehliswe waba ama-overs angu-26 ngenxa yemvula, kodwa iNingizimu Afrika ikwazile ukudlula ngama-Over angu-10.5 ngaphambi kokuthi unompempe awuvale umdlalo ngemuva kokuqala kwemvula enamandla.
Ama-Proteas abengekho esimeni esihle ngaphambi kokuthi umdlalo uphele, azithole eku-61/4 ngemuva kokuqala kabi.
Ukunikwa iphuzu ngeqembu ngalinye kuqinisekise ama-Proteas indawo kowamanqamu yesine ngesikhathi egwema umdlalo owandulela owamanqamu bedlala ne-Australia.
INingizimu Afrika izobhekana ne-West Indies, i-India, i-England noma i-New Zealand kowandulela owamanqamu.
Ukaputeni uSune Luus uthe inhloso yeqembu bekuwukudlala kowamanqamu.
“Sijabule kakhulu ngokungena kulo mdlalo wamanqamu. Kube iphupho kuthina isikhathi eside, kodwa sisadinga ukudlula kowandulela kowamanqamu,” kusho uSune.
I-Australia iyona okufanele iphakamise indebe ngemuva kokuhlula ama-Proteas ngokunethezeka ngoLwesibili. Kodwa ukuphoswa kwebhola lokuqala kowamanqamu kumqhudelwano omkhulu kwenza iemiphumela edlule iphume ngefasitela.
Manje sekumayelana neqembu eliqinile, emoyeni nangokomzimba, futhi ukuphuthelwa ukubhekana ne-Australia kunikeza ama-Proteas ithuba lokuziphindiselela kowamanqamu.
Ama-Proteas asenomdlalo owodwa wamaqoqo, njengoba ezobhekana ne-India ngeSonto.
Imidlalo emibili eyandulela owamanqamu izodlalwa ekupheleni kukaNdasa, owokuqala uzoba ngomhlaka-30 kuNdasa kanye nowesibili ube ngomhlaka-31 kuNdasa. Owamanqamu uzoba ngomhlaka-3 kuMbasa.
Umthombo wesithombe: @DailyMaverick