Imvula iphinde yaphazamisa owamanqamu wekhilikithi

Razeen Gutta

I-ODI yesithathu e-Leeds iye yashiywa phakathi ngenxa yemvula kanti umdlalo uphele ngo 1-1 ngaphambi kwe-T20s kanye nemidlalo yokuhlola.

AmaProteas awine i-toss futhi akhetha ukushaya kanti aqale kahle ngoQuinton de Kock ohamba phambili ngokushaya.

UJanneman Malan uhambe enamaphuzu angu-12 ngesikhathi uRassie van der Dussen ongenile eshaye angu-26 emabholeni angu-38.

UDe Kock uqondise ama-innings kulokho obekungaba isamba esihle kakhulu, wathola angu-92 angaphumanga emabholeni angu-76. Ngeshwa isimo sezulu sibe nezinye izinhlelo samisa umdlalo ngemuva kwama-overs angu-27.4 kwangu-159/2 atholwe amaProteas. Umdlalo awubange usaqhubeka.

La maqembu womabili azohlukaniselana indebe kanti ukaputeni wakuleli uKeshav Maharaj ushilo ngemuva komdlalo ukuthi manje iqembu selibheke kweye-T20.

“Besingafuni ukugxila kakhulu kwi-toss, sikubonile okwenzeke ngolunye usuku. Ubebukeka kahle (u-de Kock. Ngiyethemba ukuthi uzohamba nayo le fomu.”

“Sithole inhlanganisela enhle,” esho. “Kumayelana nokungaguquguquki. Siyibheke ngabomvu eye-T20.”

UVan der Dussen oqokwe njengomdlali ovelele uthe namuhla bekungaba umdlalo omnandi futhi ujabule ngendlela iqembu elidlale ngayo libhekene nompetha bomhlaba iNgilandi.

“Besisefomini enhle namuhla. Besazi ukuthi kufanele siwunakekele umdlalo we-powerplay kodwa kube ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Imvula yiyona esiphazamisile. Besifuna ukuwina futhi sijabule. Asishayanga kahle emdlalweni wesibili kodwa vele lokho kuyenzeka,” kusho u-Van der Dussen.

“Umdlalo omuhle sinawo futhi sisefomini enhle. Indima yami ukudlula kwi-powerplay ngidlale ikhilikithi esezingeni eliphezulu. Bekumele sibe sezingeni eliphezulu njengoba besibhekene nompetha bomhlaba. I-England ibidlala kahle kakhulu ngezigaba nathi besidlala kahle ngokwezigaba. Bekuzoba mnandi namuhla.”

Imidlalo emithathu yokuqala kowe-T20 izoqala e-Bristol ngoLwesithathu ntambama.

Izihloko zakamuva