Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izinkulungwane zezakhamizi ezingxenyeni ezahlukene zase-Western Cape zisale dengwane ngemuva kokuthi imvula enamandla nesivunguvungu somoya kucekele phansi imizi yazo nokuyinto eholele ekutheni ezinye zazo zicabange ukuthi zihlaselwe yisiphepho futhi.
NgoLwesihlanu isimo sezulu besingakhombisi ubungozi, kodwa iDolobha laseKapa lixwayise ngokuthi kuzoba nemvula eyengeziwe ngoMgqibelo. Izakhamuzi eziningi bezingakaqali nokulungisa umonakalo odalwe yisiphepho sangoLwesine.
UWadi-99 eKhayelitsha yiwona oseqhulwini kuleli dolobha njengamanje, kusho u-Anton Bredell, uNgqongqoshe woHulumeni baseKhaya, ezeMvelo nokuHlelwa kweNtuthuko.
“Zibalelwa ku-1 000 izakhiwo ezicekelwe umoya onamandla ngoLwesine okushiye abantu cishe abangu-4 000 bengenayo indawo yokufihla ikhanda ngenxa yamakhaza kanye namanzi akhona,” usho kanje.
“Kuhlinzekwa ngosizo olufana nokudla, izingubo zokulala nokunye ukwesekwa.”
ULikhanyise Makanaza, oyisakhamuzi saselokishini laseKhayelitsha ufuna impahla entsha ukuze ezovusa umuzi wakubo.
“Umjondolo wami ucekeleke phansi ngoLwesine, ngilale kwamngani wami ngizama ukuthola izinto zokwakha ezintsha ngoba ezindala ziphephulwe umoya. Manje imvula enamandla ifikile ngivaleleke kwamngani wami.”
USibongile Bolani naye waseKhayelitsha uthe kudingeke ukuthi balale ngaphandle.
“Silale ngaphandle ngenxa yezikhukhula, amanzi abelokhu engena emjondolo wethu noma ngabe sizama kangakanani ukuwakhipha. Sesizogula ngoba asinayo indawo yokuhlala. Esingakwenza ukwakha umlilo sihlale ngaphandle,” kusho uBolani.
Emijondolo yaseKanana elokishini laseGugulethu, izakhamuzi azikwazanga ukulala.
“Ngiyagodola. Asikwazanga ukulala ngenxa yemvula. Sesibhekane nalesi simo iminyaka cishe emihlanu, kuyamangaza ukuthi kungani kungakolungiswa namanje,” kusho isakhamuzi.
ULiziwe Ncwara, ohlala emijondolo yase-Europe uthe iDolobha laseKapa kumele libeke eqhulwini imijondolo.
“Ithemba lethu silibeka kuHulumeni, mhlawumbe sizogcina siphumile kulesi simo esicindezelayo ebesibhekene naso yonke le minyaka, yingakho sithukuthela uma kufika abantu bezothatha izithombe ngoba yinto ekade yenzeka isikhathi eside,” kusho uNcwara.
Isithombe esingenhla: Izimvula ezinamandla ezinomoya onamandla zishiye izakhamuzi zaseKapa zingenamakhaya.
Umthombo: Sithunyelwe