Imvula enamandla idale umonakalo e-EC 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Imigwaqo engenela ezigodini zase-Coffee Bay, e-Eastern Cape igugulwe imvula enamandla  ngempelasonto nokuyinto eshiye abantu bakule ndawo bevalelekile ngesikhathi abanye besala dengwane.

Imigwaqo emikhulu engenela ezindaweni ezidumile eziheha izivakashi kakhulu kuleli dolobha lase-Wild Coast icekeleke phansi.

Le ndawo iyindawo eyaziwa kakhulu nevakashelwa ngamaholidi kanti njengoba sekusondele iPhasika omasipala bendawo babhekene nengwadla njengoba bezobe besebenza ngaphansi kwengcindezi enkulu yokulungisa amabhuloho abhidlikile nokuthi baphinde bathathe izinyathelo zokulungisa ezizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi umnotho wendawo awumi.

Okhulumela uMasipala weNdawo iKing Sabata Dalindyebo, uSonwabo Mampoza ukhulume ne-Scrolla.Africa wathi uMnyango wengqalasizinda usuqalile ukulungisa.

“Ilahlekelwe kakhulu le ndawo njengendawo eheha abantu ngenxa yokuthi ibhuloho laseMthonjana, laseZulwini kanye nelase-Coffee Bay elixhumanisa i-Coffee Bay ne-Hole In The Wall wonke ebhidlikile aphinde aguguleka, kanti nesikole samabanga aphezulu i-Tyelinzima sigcwele amanzi.”

“Amanye amabhuloho akhiwa ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi le ndawo ibuyela esimeni esijwayelekile,” esho.

Yize engakwazanga ukusho ukuthi malini ezodingeka  ukubhekana  nomonakalo okuleya ndawo, uthe umasipala uzokujabulela ukusabela okuhle okuvela ezinhlekeleleni.

Umbutho wezokuvikela kuleli i-South African National Defence Force (SANDF) nawo ujutshwe ukuyobheka ukuthi ungakanani umonakalo, ngokusho kukaZimkita Macingwane okhulumela uMasipala wesiFunda i-OR Tambo.

“I-Coffee Bay isayindawo esiziqhenya kakhulu ngayo futhi iyindawo yezivakashi eyaziwa ngobuhle bayo obumangalisayo namabhishi ahlanzekile,” kusho uMacingwane.

“Kuseqhulwini kithina ukuthi njengoba senza umsebenzi wokusiza imindeni ethintekile siphinde silungise noma yini emoshekile edolobheni.”

Uthe basebenzisana kakhulu ne-South African Weather Service ukuze bathole izexwayiso kusenesikhathi mayelana nemvula edala umonakalo.

Esithombeni esingenhla: Umonakalo odalwe imvula enamandla e-Coffee Bay

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva